Bafana BafanaEzintsha

Basekhempini yeBafana abeDowns obekuthiwa balimele 

Ithimba eliphelele labadlali beMamelodi Sundowns, ababizelwe eqenjini leBafana Bafana elizodlala imidlalo yobungani ne-Andorra ne-Algeria, lifike e-Annaba ngoLwesibili.

Lokhu kuqinisekiswe yiSouth African Football Association ngoLwesithathu.

Bekuke kwasuka umsindo ngalaba badlali beSundowns njengoba umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena ubeke waveza ukuthi kukhona abalimele.

Uthe onozinti uRonwen Williams, nabasesiswini oTeboho Mokoena noThemba Zwane balimele. 

Lokhu kwenze kwabonakala bengeke besaya e-Algeria. Umqeqeshi weBafana uHugo Broos ukhale kakhulu ngokuthi ukulimala kwabo kubikelwe abezindaba hhayi yena. 

Kodwa ke bafikile eqenjini ngoLwesibili behambisana nabeSuperSport United oSiyanda Xulu noGrant Johnson ongumqeqeshi wonozinti kwiSundowns neBafana.

Ukubambezeleka kokufika kwabamele iSuperSport neSundowns kungenxa yokuthi bebenemidlalo yeNedbank Cup ngempelasonto edlule.

UBroos, uzwakalise ukuphatheka kabi ngenkulumo kaMokwena. Ugcizelele ukuthi uma kukhona abadlali abalimalayo, iSundowns kumele ixhumane nodokotela beBafana kunokuthi ikhulume nabezindaba.

Ngakho-ke lo mqeqeshi waseBelgium uzokhululeka njengoba bonke abadlali ababizile befikile nje baphelela ekhempini ngoLwesibili.

Maningi amathuba okuthi abanye babadlali abancane beBafana baqale umdlalo ne-Andorra ngoLwesine e-Annaba.

Cishe uBroos uyobe eseliqinisa ke iqembu uma esedlala ne-Algeria e-Algiers ngoLwesibili.