IMaritzburg isangayonqoba iChampionship – Dladla
Akalilahlile nakancane ithemba lokubuyisela iqembu kwiDStv Premiership, umqeqeshi weMaritzburg United, uSimo Dladla
Lo mqeqeshi uveze lokhu ngemuva kokuthi iqembu liwashiswe ijezi yiMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup Last 16, ebashaye ngo 2-0 eLucas Moripe Stadium ngeSonto.
USimo Dladla uthe kusengenzeka noma yini emidlalweni esele yeMotsepe Foundation Championship, yize besendaweni yeshumi kwilogi.
“Ngiyazi ukuthi uma abantu bebuka indawo esikuyona kwilogi, bazitshela ukuthi sekuphelile kanti akuphelile,” kusho uSimo Dladla ngemuva komdlalo.
“Sengike ngabona amaqembu esuka kule ndawo esikuyona aze ayodlala imidlalo yokuhlunga, noma awine isicoco seligi.”
Mayelana nomdlalo wabo neSundowns uthe bazamile ukwenza lokho abebekuhlelile yize bengaphumelelanga ukukwenza konke.
“Ngizothatha lokho okuhle kulo mdlalo. Ngizothatha okuningi okuhle ngikusebenzise emidlalweni eyisishiyagalolunye esele kwiligi yethu.
“Besidlala kahle sibavala uma bephethe ibhola. Nokho ngiphoxekile ngomdlalo wethu uma singaliphethe ibhola.
“Besihlelile ukuthi sizodlala kanjani uma ibhola likubona nokuthi sizodlala kanjani uma liphethwe yithina.
“Ngicabanga ukuthi bekuyisiteji esikhulu kakhulu kubadlali bami. Siyayazi iSundowns ukuthi idlala kanjani,” kuchaza uSimo Dladla osizana noPitso Dladla oyiphini lakhe kwiTeam of Choice.
I-Maritzburg idliwe yizembe ngesizini edlule ngemuva kokudlala imidlalo yokuhlunga lapho ingalibonanga khona elidlalayo.
Le midlalo inqotshwe yiCape Town Spurs okuyimanje idonsa kanzima kwilogi yeDStv Premiership. Leli qembu elicijwa ngu-Ernst Middendorp liyibambe emsileni kwilogi.
OLUNYE UDABA: UMothwa uyakuqonda ukudlulwa kwakhe uBvuma kwiBafana
Elinye iqembu elingaphephile ezembeni yiRichards Bay FC esendaweni yesibili ukusuka emsileni njengoba imidlalo ilokhu incipha kwiPremiership.