Bafana BafanaEzintsha

UMothwa uyakuqonda ukudlulwa kwakhe uBvuma kwiBafana 

Unozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa, uyakuqonda ukuthi kungani esale ngaphandle esikwatini seBafana Bafana sakamuva. 

Lo nozinti ubekhona kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) la-2023 e-Ivory Coast kodwa kulokhu umqeqeshi weBafana uHugo Broos, umshiyile. 

Ebuzwa ngalokhu uVeli Mothwa, uphendule ngendlela enokukhula nokuqonda isimo sakhe sokudlala kuqala. 

“Kamuva nje uma ubheka, bengilokhu ngingadlali,” kusho lo nozinti kwiFAR Post.

“Ngokwami ngiyaqonda ukuthi kungani ngingekho esikwatini ngoba bengilokhu ngingadlali. 

“Bekuzoba nemibuzo eminingi yokuthi kungani uVeli esesikwatini ngoba akadlali. 

“Udlale neSuperSport (United) kuphela manje sebeyambiza eqenjini lesizwe.” 

Onozinti abakhona eqenjini lesizwe uRonwen Williams, ukaputeni, uRicardo Goss weSuperSport United noBruce Bvuma weKaizer Chiefs. 

UBruce Bvuma ubengekho kwi-Afcon nokuchaza ukuthi uyena ovale isikhala sikaVeli Mothwa kwiBafana. 

Nokho lokhu akusho ukuthi kuphelile ngonozinti woSuthu. Udlale kahle kakhulu ezintini ngesikhathi AmaZulu eshaya iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup ngoLwesine ebusuku. 

Usuthu ne-University of Pretoria, eshaye iMoroka Swallows ngo 2-1, bazibekisele indawo kuma-quarterfinal eNedbank Cup ka-2024.

UBvuma uvele wayeyintandokazi kaBroos esanda kufika kwiBafana, waphoxwa yikho ukuthi akadlali kwiChiefs.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBroos wake wamqoka uBvuma yize ayengadlali kwiChiefs wathi umbone ezivivinya ngaphambi komdlalo ukuthi unakho lokhu akudinga kunozinti. 

Nokho ngokuhamba kwesikhathi waphoqeleka ukuba amshaye ngesithende njengoba ingcindezi yayikhula yokuthi uyeka onozinti abadlalayo emaqenjini abo.