Kuthe cosololo kunina uBilliat ebuyela ekhaya
Unina kaKhama Billiat, uRosa, ukhulume ngokweseka ukubuyela kwendodana yakhe ekhaya izodlala kwiCastle Lager Premier Soccer League (PSL).
Okujabulisa uRosa kakhulu wukuthi manje usengahambela imidlalo yendodana yakhe ayibuke bukhoma.
Lo mdlali owake wagijima kwi-Ajax Cape Town, Mamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ujoyine iYadah Stars ngaphambi kokuqala kwesizini yePSL ka-2024.
OLUNYE UDABA: Kuphele amagama kuMusa Nyatama begilwa izitshudeni
Lokhu yinto eyenzeke bembalwa abebeyilindele njengoba bekusenamaqembu ambalwa amfunayo kwiDStv Premiership eNingizimu Afrika.
Ekhuluma nabe-@zimcelebs_official kwi-Instagram, unina kaKhama uthe ujabule ngokuthi ekugcineni usezokwaze ukubuka bukhoma indodana yakhe idlala.
“Kuyinjabulo ukuthi manje usebuyile ekhaya, futhi singambona edlala,” kusho uRosa.
“Besijwayele ukumbona edlala kumabonakude, nangesikhathi sivakashele eNingizimu Afrika.
“Kufanelekile ukuba umama abe seduze nendodana yakhe, futhi njengawo wonke umama, ngiyakujabulela ukuthi indodana yami isayine kwi-Yadah, futhi isibuyile ekhaya.”
Ukubuyela kukaBilliat kwiPremier League akubanga nesiqalo abesifisa njengobabiYadah ihlulwe ngo 1-0 yiHwange emdlalweni wayo wokuqala.
UBilliat ungene esuka ebhentshini emizuzwini engu-15 yokugcina kodwa akazange akwazi ukujika izinto zivune iMiracle Boys.