EzintshaNedbank Cup

Kuphele amagama kuMusa Nyatama begilwa izitshudeni

Akanelisekanga uMusa Nyatama ngendlela ezakhe, iMoroka Swallows, ezidlale ngayo ziwashiswa ijezi ‘yizingane’ i-University of Pretoria kwiNedbank Cup ngoLwesithathu ebusuku.

Leli qembu elidlala kwiDStv Premiership liqhubekile nokubhacaza ngsikhathi lishaywa AmaTuks adlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

AmaTuks abengcono kakhulu ngomdlalo kuneSwallows kulo mdlalo obuseTuks Stadium. 

Kube wukusebenza konozinti okwenze isiwombe sokuqala siphele kungenagoli kulo mdlalo. 

Izitshudeni zaseTshwane zihambe phambili ngesikhathi uTebogo Mohlamonyane engqofela phakathi ibhola ebeligotshiwe. 

Nokho umdlali oneminyaka engu-17, uLwanda Mbanjwa ubuyisele iSwallows emdlalweni sekusele imizuzu eyishumi ukuthi umdlalo uphele.

Ngemuva kwaleli goli bekubukeka umdlalo uzoze ungene esikhathini esengeziwe.

Nokho uThabang Sibanyoni ukwenqabile lokho eshaya igoli eliqinisekise ukuthi AmaTuks adlulela emzuliswaneni olandelayo. 

UMusa Nyatama akazange ahlabeke umxhwele ngendlela ezakhe ezihlasele ngayo.

Nemizamo yakhe ayenze ekuqaleni kwesiwombe sesibili, efaka izinkunzi azithembile nezinamagalelo aziwayo oMhango, Mbanjwa noLindokuhle Mtshali ayisizanga.

“Ngesiwombe sokuqala bekufanele sishaye igoli kodwa bekungomunye waleyo midlalo la sihluleke khona ukusebenzisa amathuba,” kusho uMusa Nyatama. 

“Futhi asizange siwakhe ngokwanele (amathuba)… uJacob, Greg noLetsie bebengekho efomini. 

“Bekungomunye waleyo midlalo, sesiphumile endebeni, manje sesizogxila kweyeligi.

“Besifuna ukuthi abadlali ababili abaphambili benze izinguquko (ngesiwombe sesibili) futhi sibacindezele… 

“Ngesikhathi kungena uGaba, uLwanda noLindo besizama ngayo yonke indlela ukubamba ibhola, uLwanda washaya igoli lakhe lokuqala.”

Mhlawumbe kube yinhlanhla ecashe ngokuzenza ibhadi ukuthi iSwallows iphume kulo mqhudelwano khona izogxila kwiligi.

Nakhona izinto aziyimele kahle njengoba ingelinye lamaqembu ahlekisana nezembe nje.

Isendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-20. Kunegebe lamaphuzu ayisikhombisa phakathi kwayo nezindawo zezembe.