Uphinde wasala ngaphandle uMayo kwiBafana
By Sbongs Gumbi
Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, usememezele isikwati sesikhashana sabadlali abangu-32 azokhipha kuso abangu-23 azoya nabo e-Algeria.
IBafana inemidlalo yokuzizwa amandla ngasekupheleni kwenyanga la izobhekana khona ne-Andorra ngoMashi 16 ne-Algeria ngoMashi 26.
Isikwati sokugcina sabangu-23 sizomenyezelwa ezinsukwini ezizayo. Okuqaphelekile ngalesi sikwati wukubuyiswa kukanozinti weKaizer Chiefs uBruce Bvuma.
Ngaphandle kwalo nozinti, akekho omunye umdlali weChiefs okhona kuleli qembu.
Naye kungenzeka asale ngaphandle uma sekuqokwa elizoya e-Algeria kwazise ubanga nonozinti abebekwi-Africa Cup of Nations futhi abenza kahle emaqenjini abo.
Abanye abadlali abaqaphelekayo kuleli qembu nguPatrick Maswanganyi we-Orlando Pirates noMlondi Mbanjwa waMaZulu FC ababizwe okokuqala kuleli qembu lesizwe.
No-Iqraam Rayners, obekhalelwa abaningi kwi-Afcon ungenile. Kukhona noSiyabonga Ngezana weFCSB yaseRomania.
Okuthuse abaningi nokho kube wukusala ngaphandle kukaKhanyisa Mayo ongumgadli kwiCape Town City.
Lime kanje selilonke leli qembu:
Onozinti: Ronwen WILLIAMS (Mamelodi Sundowns)
Bruce BVUMA (Kaizer Chiefs)
Ricardo GOSS (Supersport United)
Veli MOTHWA (AmaZulu)
Izitobha:
Sydney MOBBIE (Sekhukhune United)
Bradley CROSS (Golden Arrows)
Thapelo MORENA (Mamelodi Sundowns)
Nkosinathi SIBISI (Orlando Pirates)
U-Aubrey MODIBA(Mamelodi Sundowns)
Siyanda XULU (Supersport United)
Mothobi MVALA (Mamelodi Sundowns)
Tapelo XOKI (Orlando Pirates)
Siyabonga NGEZANA (FCSB, Romania)
Khuliso MUDAU (Mamelodi Sundowns)
Abadlali basesiswini
Teboho MOKOENA (Mamelodi Sundowns)
Goodman MOSELE (Chippa United)
Jayden ADAM (Stellenbosch FC)
Sphephelo SITHOLE (CD Tondela, Portugal)
Thabang MONARE (Orlando Pirates)
OLUNYE UDABA: Mabasa: ‘Ubunye obungibuyisele kwiPirates’
Abagadli
Themba ZWANE (Mamelodi Sundowns)
Zakhele LEPASA (Orlando Pirates)
U-Oswin APPOLLIS (Polokwane City)
Patrick MASWANGANYI (Orlando Pirates)
Mihlali MAYAMBELA (Aris Limassol, Cyprus)
Mlondi MBANJWA (AmaZulu)
Iqraam RAYNERS (Stellenbosch FC)
Tshepang MOREMI (AmaZulu)
Elias MOKWANA (Sekhukhune United)
Grant MARGEMAN (Supersport United)
Ubufakazi MAKGOPA (Orlando Pirates)
Thapelo MASEKO (Mamelodi Sundowns)