DStv PremiershipEzintsha

Mabasa: ‘Ubunye obungibuyisele kwiPirates’

UTshegofatso Mabasa ubenza kahle kwiMoroka Swallows futhi ewaqhulula nje amagoli engenakinga ngahambi kokuthi ashiye isigubhukane abuyele kwi-Orlando Pirates. 

Leli qembu laseSoweto beliphinde labolekisa ngaye obekubonakala kuchaza ukuthi alinaso isikhala sakhe. 

Ubevele kade ebolekiswe kwiSekhukhune United ngesizini edlule. Kodwa manje usebuyele kwiPirates futhi uzwakala ejabule.

UTshegofatso Mabasa usenalo igoli elilodwa kwiPirates alishaya bebhekene neCrystal Lake FC kwiNedbank Cup emasontweni amabili edlule. 

Uqale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini likaJose Riveiro ngesikhathi libhekene neCape Town Spurs.

Yize ewatholile amathuba ambalwa – angemahle kangako nokho – uze washishwa engayibhakuzisanga inethi. 

Ucashunwe yi-iDiski Times ecacisa ukuthi yini le emenze waqoka ukushiya kwiSwallows abuyele ekhaya.

“Iyodwa into ebengihlezi ngiyithanda ngaleli qembu – wubunye beqiniso,” usho kanje lo mgadli oneminyaka engu-27. 

“Lokho bengikubona ngingaphandle kodwa manje sengiyazibonela njengoba sengiyingxenye yakho ekubeni kade ngangikufisa.

“Kungikhumbuza okwakwenzeka kwiBloemfontein Celtic, umuzwa wokubumbana, ubunye – yilokho ke esinakho kuleli qembu njengamanje. 

“Kungenza ngibone ukuthi kungani benqobe iNedbank Cup neMTN8 ngesizini edlule, baphinde bayiphinda iMTN8 kule sizini. 

“Bheka, kade vele ngifisa ukuba yingxenye ebalulekile yeqembu. Ngivele ngikhule ngingumlandeli waleli qembu.

“Ngakho ngizokwenza konke okusemndleni ukuba yingxenye yaleli qembu.” 

Njengoba esebuyile, uyibanga no-Evidence Makgopa, Zakhele Lepasa, Kermit Eraasmus noSouibou Marou indawo. 

Kuvame ukudlala oyedwa njengoba indlela alihlela ngayo iqembu lakhe uRiveiro isebenisa umgadli oyedwa ngesikhathi.