Ezintsha

Izinsolo ezimbi ngoDanny Jordaan, oKlebe bashaqe ubufakazi

Sekusuke izinkulumompikiswano eziningi ngokugasela kophiko lwamaphoyisa oluphenya amacala akhethekile kuleli olwaziwa ngoKlebe ekomkhulu lenhlangano eyengamele ibhola kuleli. 

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu eSafa House, eGoli. Ngokwesitatimende esiphuma koKlebe, kushaqwe izinsiza zokusebenza okukholakala ukuthi zinobufakazi. 

Kuvela ukuthi lokhu kwenzeka nje yingoba kunezinsolo ezibhekiswe kumengameli weSafa uDanny Jordaan zokuzinothisa ngemali yale nhlangano. 

“Uphiko lobugebengu bezamabhizinisi lilandele incwadi egunyaza ukusesha nokushaqa ubufakazi emahhovisi eSouth African Fooball Association ngoMashi 8.

“Le ncwadi egunyaza ukusesha nokushaqa ubufakazi isukela ezinsolweni zokukhwabanisa nokwebiwa kwemali ebalelwa ku-R1.3 million. 

“Izinsolo zithi phakathi kuka-2014 no-2018 umengameli wale nhlangano ubesebenzisa izinsiza zale nhlangano ukuzinothisa yena. 

“Kulokhu kubalwa ukuqasha inkampani yonogada ukugafa yena uqobo, nokuqasha inkampani yezokuxhumana ngaphandle kokugunyazwa yibhodi yeSafa.

“Kunezinsolo futhi zokuthi umengameli waphula imigomo ethile yeSafa okwaholela ekutheni ilahlekelwe yimali ebalelwa ku-R1.3 million. 

“Ngesikhathi sokusesha, kushaqwe i-laptop, external drives, USB neminye imiqulu,” besifundeka kanje isitatimende soKlebe.   

ISafa beyingakasho lutho ngalesi sigameko esenzeke ekuseni ngoLwesihlanu kanti kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uyaboshwa yini uJordaan.