DStv PremiershipEzintsha

URiveiro weluleka uMakhehleni Makhaula ngokudembesela

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usexwayise umdlali wakhe wasesiswini, uMakhehleni Makhaula, ukuthi angazitsheli ukuthi useqedile njengoba eseqala imidlalo muva nje. 

UMakhehleni Makhaula ubelizwa ngendaba ijezi kwiPirates selokhu kuqale isizini, kodwa useyalithola kusukela kubuywe ekhefini le-Afcon. 

Lo mdlali, ofike kwiBucs esuka kuMaZulu FC eminyakeni emibili edlule, bekuke kwanezinkulumo zokuthi angase adedelwe.

Inkontileka yakhe iyaphela ekupheleni kwale sizini kodwa njengoba esengenile eqenjini eliqala imidlalo futhi enza kahle, kungenzeka elulelwe.

UJose Riveiro uthe yize uMakhehleni Makhaula eyiqala imidlalo njengamanje, akumele bese ekhululeka azitshele ukuthi useqedile.

“Ngemuva kwekhefu siqale ukudlala ngoMakhaula kwenye yezindawo esinazo maphakathi nenkundla,” kusho uJose Riveiro ngempelasonto.

“Kodwa akekho onendawo eqinisekisiwe lapha eqenjini. 

“Sinabadlali abangu-36 esikwatini futhi bonke basezingeni, yingakho besayinwe kuleli qembu nje.”

Lo mqeqeshi odabuka eSpain uphinde waveza isifiso sakhe sokuthi kuyiwe ekhefini lemidlalo yeFifa eseqoqe amaphuzu angu-35. 

URiveiro ubekele leli qembu lakhe ukuthi liyinqobe yomithathu imidlalo yalo ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa. 

IPirates esendaweni yesine kkwilogi, kanti ibuye newini ebalulekile ekuhambeni ishaya iPolokwane City ngempelasonto.

EzikaJose Riveiro zidlule ngo 1-0 wegoli elivalelwe enetini u-Evidence Makgopa esiwombeni sesibili. 

Lokhu kunqoba kuqede ishobolo lemidlalo emithathu kulandelana la iPirates beyihluleka khona ukuqoqa amaphuzu agcwele. 

Ngaphambi kwekhefu, iPirates izogadulisana neCape Town Spurs ekhaya e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.

Nokho umdlalo wayo obhekwe kakhulu owangoMgqibelo la izobhekana khona nezimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs eFNB Stadium. 

URiveiro useveze ukuthi inhloso yabo wukuwola amaphuzu ayisishiyagalolunye kanti njengoba amathathu esevele esemgodleni, sekusele ayisithupha. 

“Kumqoka impela ukubheka amaqembu angaphezu kwethu,” kusho uRiveiro ngempelasonto. 

“Sisesontweni esifuna ukuphuma kulo namaphuzu ayisishiyagalolunye kusukela namuhla (emdlalweni wePolokwane City) kuze kube uMgqibelo ozayo… 

“Yebo, sibhekana nomdlalo ngamunye kodwa siyazi ukuthi lesi yisikhathi esibalulekile sesizini. 

“Asikwazi ukugeja amathuba ethu ikakhulukazi uma iqembu elingaphezu kwethu lingayitholi imiphumela. 

“Kufanele sithathe lelo thuba ukunciphisa igebe futhi mhlawumbe sigxume simeqe omunye wabo. 

“Kodwa yebo, ilogi sizoyibona ekupheleni kwesizini. Okwamanje kuzomele siqhubeke nokusebenza.”