UJohnson ubhuqe abathi uMshini ukhuluphele
UCavin Johnson, ongumqeqeshi osabambile kwiKaizer Chiefs, usephendule imibuzo ekhona ngesimo sokuba fithi kukaNkosingiphile “Mshini” Ngcobo.
UNgcobo, oneminyaka engu-24, ulokhu ekhona eqenjini elidlala imidlalo yeDStv Premiership kusukela kufike uJohnson.
Nokho kuze kube manje, emidlalweni eyishumi, akakakwazi ukuwudlala uqala uze uphele umdlalo.
Ngaphezu kwalokho, lo mdlali odabuka eMgungundlovu usashaye igoli elilodwa nje kuphela kule sizini.
Walishaya behlula iRichards Bay ngo 1-0. Njengoba engomunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli, kubhekwe lukhulu kuye.
Nokho kunokushaya amakhala ngesimo abukeka ekuso njengoba kungathi wenyukelwe yisisindo nje.
UNgcobo ubesehlale isikhathi eside engajimi futhi engadlali ngenxa yokulimala okwenze wenyukelwa yisisindo.
Kodwa njengoba esebuyele ekujimeni nasekudlaleni, bekulindeleke sehle isisindo sakhe.
Ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo wabo neMoroka Swallows ophele zibambene ngo 0-0, uCavin Johnson uthe ubona uNgcobo esesimweni esifanele.
“Lutho, angicabangi ukuthi uMshini unesisindo esengeziwe. Ngicabanga ukuthi ukahle nje,” kusho lo mqeqeshi.
“Engabukeka emkhulu ngokweqile kodwa ngiyakuqinisekisa ukuthi sinabantu abakubhekayo lokho futhi asinaye umdlali onesisindo eseqile.
“Sinesizinda sokulolonga imizimba esingesiphambili ezweni, sinongoti bokulolongwa kwemizimba futhi yonke into ihamba kahle.”
UCavin Johnson ube esebhuqa ethi okubonwa abantu bangaphandle akusho ukuthi kuyikho.
“Uma ngithi kuwe, ububeka ukhuluphele, akusho ukuthi ukhuluphele ngoba wena yiyona ndlela odalwe ngayo leyo.
“Angazi nomma uyakuqonda yini engikushoyo. Singobani ke thina siqhamuka ngaphandle ukuthi sithi umuntu ukhuluphele?”
IChiefs ibambane neSwallows ingasaphelele njengoba u-Edmilson Dove ekhishwe ngekhadi elibomvu ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
OLUNYE UDABA: Lisha amashushu ngoHugo Broos elaphesheya
Lo mdlalo obuseFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku uke wamiswa imizuzu engu-30 ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle njengoba beliduma futhi lina kakhulu.