Seluphumile usuku lwenkantolo kokulaPitso neSundowns
Seyizoxazululwa yiNkantolo eNkulu yaseGoli eyombango ophakathi kweMamelodi Sundowns nowayengumqeqeshi wayo, uPitso Mosimane.
Lo mbango sewudonse iminyaka emithathu kanti selugcine luphumile usuku lokuthi luxoxwe enkantolo.
Lokhu kulandela ukuthi izinhlangothi zombili zihlulekile wukuluxazulula ngokwazo lolu daba ngaphandle kwenkantolo.
Into ebangwayo yimali efunwa yiSundowns kuPitso nenkampani emphethe iMoira Thlagale Sports and Marketing.
Le nkampani ngekamkaPitso uMoira kanti yiyo emhlanganisela izinto uma efunwa yiqembu elithile.
IMamelodi Sundowns ifuna babuyise imali ebalelwa ku-R8 million eyathathwa ilo mqeqeshi ngesikhathi esayina inkontileka entsha naleli qembu.
Le nkontileka yasayinwa ngoJuni ka-2020 kungeyeminyaka emine. Kodwa uPitso washiya kuleli qembu ngoSepthemba ka-2020.
ISundowns ikhala ngokuthi njengoba asheshe ayinqamula le nkontileka, kumele abuyise imali eyisibonelelo sokusayina inkontileka entsha ayithola.
Ithi kunombandela okhona kwinkontileka ukuthi ngeke inqanyulwe ngaphambi kwesikhathi esithile ngaphandle kokuvumelana.
Lo mqeqeshi washiya kwiSundowns ngoSepthemba ka-2020 eyojoyina i-Al Ahly yase-Egypt.
Ekuzivikeleni kwayo, iMoira Thlagale Sports and Marketing yathi uPitso washiya ngokuvunyelwa uPatrice Motsepe obengumengameli weqembu ngaleso sikhathi.
Bathi baba nesivumelwano sokuthi akakhululeke ahambe, angayibuyisi naleyo mali yokusayina ayenikwe yona.
Kodwa abaphathi beSundowns bayalwa, bathi imali kumele ibuye ngoba isivumelwano saphulwa.
Ngokombiko weSunday World, kwayena uPatrice Motsepe kungenzeka abizwe ezofakaza enkantolo uma sekuqhubeka leli cala. Libekelwe ukuqala ukuqulwa ngo-Ephreli 29.
FUNDA NALA: UJohnson ubhuqe abathi uMshini ukhuluphele
Lo mbiko uthi iMoira Thlagale Sports and Marketing ihlome ngommeli onedumela kuleli, uThembeka Ngukaitobi noJabu Chanza. ISundowns yona izobe imelwe nguKevin Illes weBowman Glilfillan Inc.