Lisha amashushu ngoHugo Broos elaphesheya
Ziyanda izesheli zomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba sekuvele ukuthi kuneqembu langakubo eBelgium elifuna ukumqasha.
UHugo Broos uqinise isithunzi sakhe ngesikhathi ehola iBafana eyifaka esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations ngoJanuwari.
Ngemuva kwalokhu kuvele ukuthi amaqembu esizwe ehlukene e-Afrika, okukhona kuwo nelaseGhana, Nigeria neCameroon, ayamfuna lo mqeqeshi.
Nokho ukuqinisekile ngaphambi kokuya eholidini ngakubo ukuthi usazoqhubeka nomsebenzi wakhe kwiBafana.
Kodwa lokho kuyaziwa ukuthi ubekusho ngoba impilo yakuleli ingcono kakhulu uma kuqhathaniswa neyakulamazwe amhalelayo.
Kodwa manje njengoba sekuqhamuke iClub Brugge efuna azophatha ezokuqeqesha nje, sekungenzeka acabange ngenye indlela.
Phela manje sekufana nokuthi sekuqhamuke isesheli esinakho konke abekufisa – ukuba seduze nasekhaya, nomsebenzi ongagqilazi.
UHugo Broos – oneminyaka engu-71, useke wakuveza ukuthi uyawukhumbula kakhulu umndeni wakhe – ikakhulukazi abazukulu – abasele le eBelgium.
Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi ngabe iSafa izokwazi yini ukumgcima lo mqeqeshi ocele ukuthi afike ngoba kuzoba nemidlalo kuleli.
IBafana inemidlalo yobungani kule nyanga kanti kubukeka kuzobe kunguHelman Mkhalele umqeqeshi kuyo njengoba uBroos esekhaya.
OLUNYE UDABA: Kaizer Chiefs: Kuya ngokutsheka kunokuqonda eNaturena
Izobe seyiqala nomkhankaso wokuhlungena iNdebe yoMhlaba ka-2016 ne-Afcon ka-2025 ngoJuni.