EzintshaNedbank Cup

UCavin Johnson akayizwa eyokusolwa ngendlala yeChiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, useveze ukuthi akumele kufakwe igama lakhe uma kukhulunywa ngendlala yezindebe kuleli qembu. 

IChiefs, egcine ukunqoba isicoco ngesikhathi idla isicoco seligi ngesizini ka-2014/15 ngaphansi kukaStuart Baxter, ilahle ithuba lokugcina le ndebe kule sizini ngempelasonto. 

IChiefs ishaywe yiMilford FC, yayikhipha kwiNedbank Cup ngeSonto ebusuku.

Ukuhlulwa ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kwelule isomiso saMakhosi safinyelela kumasizini ayisishiyagalombili. 

UCavin Johnson, owavala isikhala sikaMolefi Ntseki ngo-Okthoba, uthi akunabulungiswa ukusolwa kwakhe ngendlala yezindebe eNaturena. 

“Njengomqeqeshi manje… kumele ngithwale le minyaka eyisishiyagalolunye emahlombe ami? 

“Yiminyaka eminingi kabi leyo. Kufanele sizinuke amakhwapha manje ukuze silungise isimo, senze isizini ibe ngcono. 

“Kumele sithole indlela yokuqeda isizini ngegiya eliphezulu ukuze sikhombise abantu ukuthi siyakha,” kusho uCavin Johnson. 

Nakuba engumqeqeshi wesikhashana, uCavin Johnson ungowesishiyagalombili ukuqashwa njengomqeqeshi kuwiChiefs kusukela yagcina ukunqoba isicoco.

Ngaphambi kwakhe iChiefs ike yaqasha oSteve Komphela, Giovanni Solinas, Ernst Middendorp, Gavin Hunt, Stuart Baxter, Arthur Zwane noNtseki.

Lo mqeqeshi oke waba yiphini likaPitso Mosimane kwi-Al Ahly, uthi ngeke ukuhlulwa yiMilford kungcolise igama lakhe. 

“Sengike ngahlulwa kweminye imidlalo efana nalena. Angicabangi ukuthi kuzolimaza isithunzi sami uma ubona indlela iqembu elidlale ngayo. 

“Bengingasho ukuthi igama lami lizokonakala uma singahlaseli futhi singazami ukushaya amagoli. 

“Uma senza amaphutha ngokwamaqhinga, mhlawumbe isithunzi sami besizoba sengozini.

“Kodwa ngicabanga ukuthi isithunzi sami sisasihle okwamanje,” kusho uCavin Johnson.