EzintshaNedbank Cup

Lilengele eweni ikusasa likaJohnson kwiChiefs

Kuvela ukuthi bachiphize izinyembezi abaphathi beKaizer Chiefs kulandela ukuhlanjalazwa kwayo yiMilford FC kwiNedbank Cup. 

Ngokuthola kweMpempe, akubona abalandeli kuphela okuthe uma kuphela umdlalo bachiphiza izinyembezi ngenxa yobuhlungu.

Omunye wemithombo yethu obusenkundleni futhi usendaweni yezicukuthwane, uthi oJessica noKemiso Motaung bebekhihla isililo ngemuva komdlalo. 

“Kuvele kwamuncu ngoba ububona ukuthi bayazama ukuzibamba, kodwa behluleka. 

“Bese bencishwa amehlo ezinye izicukthwane ngoba kuncane umuntu abengakusho ngalesiya sikhathi,” kusho lo mthombo.

Uthe indlela izinkulumo ebezingakhona, usale nomqondo wokuthi kukhona abazophelelwa wumsebenzi maduze kuleli qembu.

Lo mthombo uthi kucacile ukuthi kuzoba nemihlangano ephuthumayo la kuzothathwa khona izinqumo ezinqala ngeqembu.

“Kubuhlungu ngoba khona umuntu ozohamba kwiKaizer Chiefs. 

“Ngibona uCavin Johnson engeke nhlobo ahlale isikhathi eside ngoba bekunezikhalo impela ngaye. 

“Kumanje kunzima ngisho ukukhuluma ngalo mdlalo ngoba manje igama leKaizer Chiefs selilibi kakhulu kwiNedbank Cup.” 

UJohnson uvele ubambile kuze kuphele isizini futhi naye ubonakalile ngisho ebusweni ngemuva komdlalo ukuthi sekuyazwela nakuye.