EzintshaNedbank Cup

U-Abel Shongwe ufisa iChiefs ivale ihlazo ngeNedbank Cup

Owayedlalela iKaizer Chiefs, u-Abel “Shacklas” Shongwe, ucela abadlali baleli qembu ukuthi bawine iNedbank Cup kule sizini.

IChiefs seyiyizwa ngendaba eyokuqukula indebe futhi lokhu kwenza abalandeli bayo bahlekwe abamanye amaqembu.

“Yithuba labo lokugcina leli lokuwina indebe kule sizini,” kusho u-Abel Shongwe.

“Iqembu lisenza kahle ukuthi nje kumele lisebenzise amathuba eliwakhayo.

“Ngiyakholelwa eqenjini elifikayo endaweni eyingozi uma libhekene nezitha. 

“Amaqembu anjalo ngikholwa ukuthi mahle kakhulu.

“IChiefs ngaphansi kukaCavin Johnson yenza kahle, iyawakha amathuba okushaya amagoli. 

“Banethuba lokugcina ukujabulisa usihlalo nabalandeli kule sizini.”

 Ngempelasonto edlule iChiefs igeje inqwaba yamathuba ibhekene neRoyal AM emdlalweni DStv Premiership, ophele ngo 0-0.

Kuzodingeka yenze kangcono uma isibhekele neMilford FC emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.

“IChiefs kumele izame ukusebenzisa wonke amathuba ezowakha ngesiwombe sokuqala,” kuqhuba uShongwe.

“Kumele bakhombise abafana beMilford FC ukuthi bayiqembu elikhulu. 

“Ngeke ngisho ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi iChiefs iwine indebe.

“Kodwa yisikhathi sokuthi bafake okuthile ekhabetheni eNaturena. 

“Yithuba leli uMdali abanike lona, kumele babhekane nomdlalo ngamunye ngokucophelela.

“Ukhombisa lokho kumele baqale ngokuwina le ndebe, bakhombise ukuzimisela abadlali.”

Amakhosi iwona aseyiwine kakhulu iNedbank Cup njengoba eseyiqukule amahlandla angu-13.

IChiefs seyigejwe yiMTN 8, ethathwe yi-Orlando Pirates, neBlack Label Knockout Cup, ekhale yemuka neStellenbosch FC.

Indebe yeDStv Premiership kubukeka izohamba neMamelodi Sundowns okwesikhombisa kulandelana.