Johnson: Nakhu okwenze iChiefs ingayi emakethe
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, usecacise ngesinqumo sabo sokungaliqinisi iqembu ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPremier Soccer League.
Iwindi belivulwe ekuqaleni kukaJanuwari, lase livalwa ngomhla ka-25 kuyo le nyanga.
Amanye amaqembu anyakazile, aqinisa lapha nalaphaya okubalwa kuwo neMamelodi Sundonws evele ibophele iqembu elihle.
Bekubhekwe ukuthi leli qembu liqinise konozinti nakubagadli njengoba libukeka libuthakanyana kulezi zindawo.
Kodwa iChiefs ayizange yenze lutho kanti uCavin Johnson usekuvezile okwenze baqoke ukungenzi lutho ngoJanuwari.
“Ngayibuka kanje lenti, ngacabanga ukuthi uma ungumqeqeshi ozofika kubadlali ababalelwa ku-30 bese uthi, ‘Nina anikho ezingeni.
“‘Sidinga ukuqinisa’. Lokho ngabe kusho ukuthi angizange ngizinike isikhathi sokusebenza nabo, ngibenze babe ngcono,” kuchaza uJohnson.
Ubekhuluma nabezindaba emahhovisi ePSL eParktown ngaphambi komdlalo wabo wokuqala kwiNedbank Cup.
IChiefs izovula ngeMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship kulo mqhudelwano.
UJohnson uthe ngeke balithathe kancane leli qembu kwazise bayawazi umlando wabo awumuhle uma bebhekene namaqembu ezigaba ezincane.
OLUNYE UDABA: UMvala uzodala uthuthuva kuhuBroos noMokwena
Lo mdlalo yiwona ozoba owokugcina emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup njengoba uzoba ngeSonto ngo-6 ebusuku eFNB Stadium.