DStv PremiershipEzintsha

Usejima kwiChippa United ochithwe yiChiefs

Umdlali wasesiswini obe neshwa lokufike alithole liwashwe ngosimende ijezi kwiKaizer Chiefs usethandazela ukuthi izinto zimlungele kwiChippa United. 

Kuvela ukuthi uKamohelo Mahlatsi uke wazama inhlanhla kwiMoroka Swallows ayevele edlala kuyo ngaphambi kokuthengwa yiChiefs.

Nokho ugcine ebonile ukuthi uzimoshela isikhathi sakhe njengeba nabangaphakathi kwiSwallows befisa ukuphuma nje kumanje. 

Yingakho ke manje esejima kwiChippa United la kuthiwa isimo siyathembisa futhi angase asayine maduze.

Uvele ke uMahlatsi ngeke avinjelwe yiwindi kwazise iChiefs yamnika incwadi yokumkhulula ngesikhathi imdedela ngoSepthemba. 

Ubesahlale amasizini amabili kwiChiefs, kodwa kwacaca ukuthi ijezi liyamsinda kwagcina ngokuthi kuvunyelwane ukuthi akhululwe ayozama kwelinye iqembu.

Ubefike kwiChiefs kubhekwe lukhulu kwazise umqeqeshi wangaleso sikhathi, u-Arthur Zwane ubelincoma ithalente lakhe.

UMangethe wayephi lo mdlali umkhumbuza yena ngezikhathi zakhe ngenxa yokukwazi ukuvula indlela eya phambili ngomjiko wakhe. 

Nokho yize enikiwe ithuba emidlalweni embalwa, kugcine kucaca ukuthi uyehluleka ukungena eqenjini eliqala imidlalo. 

Nokho kubukeka kukhanya kwiChippa United njengoba ezohlangana nabaqeqeshi ake wasebenza nabo phambili.

UMahlatsi ukhulele enkulisa yeSuperSport United la abephekwa khona ngoKwanele Kopo noThabo September.

Lezi zinsizwa yizo ezicija iChippa United ngokubambisana njengamanje kanti uma isimo sezimali seqembu sivuma, cishe bazomthatha. 

IChippa ivele inaso isikhala somdlali wasesiswini ohlaselayo kulandela ukuphunyukwa kwayo u-Augustine Mulenga ngoJanuwari. 

UMulenga unqume ukushiya kuleli qembu lase-Eastern Cape abuyele kuMaZulu FC abeke wadlala kuwo phambilini.