Bafana BafanaEzintsha

UMvala uzodala uthuthuva kuhuBroos noMokwena

IMamelodi Sundowns kuzomele idlale imidlalo yayo ebalulekile ngaphandle kwabadlali bayo ababalulekile, okubalwa kubona uMothobi Mvala.

Izindaba ezingezinhle ezivela eChloorkop ezithi uMothobi Mvala, obehambe neBafana Bafana ukuya kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast, uzohlala izinyanga ezilinganiselwa kweziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili engalithinti ibhola.

Lo mdlali wasemuva ushaye into ecokeme kwi-Afcon, lapho iBafana Bafana iphume khona isithathu.

Nokho ubeye kulo mqhudelwano kuvele kunokungabaza ngaye ngoba ubelimele. 

Kodwa uyidlale yonke imidlalo yeBafana Bafana e-Ivory Coast.

Lokhu kungase kususe olunye uthuthuva phakathi komqeqeshi weBafana, uHugo Broos, noweMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena.

Impempe isanda kubhala ukuthi laba baqeqeshi basanda kuthelelana amanzi kulandela inkulumo kaHugo Broos ngaphambi kwe-Afcon.

Lo mqeqeshi waseBelgium wathi uRulani Mokwena uzenza uNkulunkulu webhola ngoba nakhu esewine izindebe eziningi.

“Okunye kwakho akukona ukukhetha kwami. Ngichaza ukuthi uMothobi (Mvala) angase angadlali izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili,” kusho uRulani Mokwena.

“USailor (Mudau) akadlali, naye angase angadlali izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili.

“Sabona sonke ngesikhathi elimala… waqhubeka wadlaliswa okuyinto eyangiphoxa kancane,” kuchaza uMokwena.

Nonozinti, uRonwen Williams wabuya ethintekile kodwa wadlala emdlalweni wangempelasonto bebhekene ne-Orlando Pirates.

Nokho uphunyuziwe kwadlala uDennis Onyango bebhekene neNB La Masia koweNedbank Cup ngoLwesibili ebusuku. 

“URonza (uRonwen Williams) ulimele ehlombe, sizamile ukumphumuza nokumnika isikhathi.

“UMshishi [uThemba Zwane] naye uthintekile, ngakho abanye abadlali ababuya kwiBafana akukona ukuthi sifuna ukubaphumuza noma cha.

“Ngeke sikwazi ukubasebenzisa ngoba abanye babuye belimele. Ngabe bafuna singayiwini iligi?”

Njengoba iBafana izoba nomdlalo wobungani nje ngenyanga ezayo, uHugo Broos cishe uzoziphendulela kule nkulumo kaRulani Mokwena.

Phela naye uBroos akalali endleleni njengoba ezikhulumela nje uma kukhona okusesifubeni sakhe.