DStv Premiership

Asivulekanga isikhala kushiya uLorch kwiBucs

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukugcizelele ukuthi amaBhakabhaka asazishaya ngokuba neqembu eliqinile ngisho nangemuva kokushiya kukaThembinkosi Lorch. 

Lo mdlali obethandwa kakhulu ngabalandeli kwiPirates ujoyine iMamelodi Sundowns ngosuku lokugcina lwewindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari. 

Iqembu likaRiveiro likwazile ukuthola iphuzu libambena ngo 1-1 neSundowns eqhwakele kwilogi yeDStv Premiership njengamanje. 

Bekungumdlalo wokuqala wePirates kusukela kushiye uThembinkosi Lorch, kanti naye udlale okokuqala kwiSundowns. 

Akabanga ke nosuku oluhle futhi uzivumele yena ngokwakhe ngemuva komdlalo ukuthi akabanga nosuku oluhle. 

IPirates ibuye kade seyilandela ngemuva kulo mdlalo, uTapelo Xoki ebasela phakathi iphenathi.

ISundowns beyibekwe phambili yigoli likaMarcelo Allende kodwa kwaphela imizuzu emihlanu seyilinganisile iBucs. 

Ebuzwa ngokulahlekelwa uThembinkosi Lorch, uRiveiro uvele wangayingena leyo, waveza ukuthi yena usebenza ngabadlali abakhona. 

Uthe futhi weneme impela ngabadlali anabo ngoba bakhombisa ukulangazelela ukuba ngcono. 

“Sineqembu elikhethekile, eligcwele ithalente elihle kakhulu,” kuphendula lo mqeqeshi waseSpain. 

“Futhi sinesikhathi esilinganiselwe sokusebenza nabo nsuku zonke, ukuzama ukubathuthukisa, ukuzama ukubasiza babe ngcono emsebenzini wabo.

“Sizama ukubasiza bafeze amaphupho abo ebholeni. Ngakho ke ngenelisekile ngabadlali enginabo eqenjini.” 

UThembinkosi Lorch udlale imizuzu engu-62 emdlalweni wakhe wokuqala kwiSundowns, ngaphambi kokuthi akhishwe, kungene uSipho Mbule. 

IPirates izophinde idlale ngempelasonto lapho izobhekana neCrystal Lake FC edlala ezigabeni zeSafa eMpumalanga kwiNedbank Cup.

URiveiro ukuvezile ukuthi uzimisele ngokuyivikela le ndebe abavale ngayo isizini edlule, behlula iSekhukhune ngo 1-0 kowamanqamu.