DStv Premiership

Isiyamnenga uKompany eyeBafana noLyle Foster

Uzwakale enengekile umqeqeshi weqembu le-English Premier League okudlala kulo umgadli wakuleli uLyle Foster ngesikhathi echaza ngesimo salo mdali. 

ULyle Foster, ongowokuzalwa eNingizimu Afrika, wabhalela umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uHugo Broos ecela ukuhoxa kuleli qembu.

Lokhu kwenzeke ngaphambi kokuthi iBafana iye e-Ivory Coast la beyidlala khona i-Africa Cup of Nations (Afcon).

Yize ebengekho uLyle Foster, obesekhaleni lempi ngesikhathi iBafana idlala eyokuhlungela lo mqhudelwano, iBafana igcine ilale isithathu.

Ngemuva komqhudelwano, uHugo Broos uveze ukuthi usakhathazekile ngokuthi lo mgadli wathi akakwazi ukuza kwiBafana ngoba akaphathekile. 

“Yebo uLyle uqobo, wabhala incwadi ethi, ‘ngiyacela ungangibizi, angiphumeleli ukuza. Angikulungele ukudlala kwi-Afcon’,” usho kanje uHugo Broos.

“Kulungile ke kodwa manje useyaqala uyadlala, futhi udlala kuyo yonke imidlalo. Akulona nje isonto nesonto e-England.

“Udlala imidlalo engaphezulu kowodwa ngesonto. Bese ngiyazibuza ukuthi kanti kungani bekungeke kwenzeke ukuthi ahambe nathi ukuya e-Ivory Coast.”

Umqeqeshi weBurnley, uVincet Kompany, odabuka eBelgium njengaye uBroos, usephinde wayicacisa eyokungavumi kukaFoster ukuya kwiBafana.

Nokho indlela abekhuluma ngayo iyezwakala ukuthi isiyamnenga lento njengoba kungekhona okokuqala ekhuluma ngayo. 

“Akusikhathazi, besikulindele. Kodwa ngizophinde ngiyichaze lento ngesizotha,” ucashunwe esho kanje kwiBurley Express.

“Ukulungela ukudlala ngokomzimba akufani nokukulungela ngomqondo yizinto ezimbili ezingafani neze. 

“Ungakulungela ukudlala ngokomzimba kodwa ngokwesimo somqondo kube wukuthi awukulungele ukuthi ingahamba inyanga yonke uyodlala umqhudelwano. 

“Kuyenzeka ungabi sesimweni esifanele somqondo ukukwazi ukubhekana nalokho,” kuchaza uKompany. 

Uthe abakaze bakufihle okwenzeka kuLyle Foster kusukela ekuqaleni ngesikhathi ema ekudlaleni ngenxa yokugqilazeka ngokomqondo. 

“Besivulelekile ngayo yonke lento. Ubephuma ekulashweni, ebhekene nenkinga engale kokudlala ibhola. Inkinga yempilo. 

“Besiyingxenye yokwelashwa kwakhe. Lapha yila ejwayele khona, uma engena ngomnyango lapha, ufikela kontanga yakhe, abangani, hhayi nje ozakwabo. 

“Akanabo abangani ngaphandle kweqembu, ubuya phesheya. Ukwesekwa ukuthola lapha eqenjini.

“Isikhathi sakhe sokubuyela ekudlaleni akubanga neze yisinqumo sethu. Kube wukubona ukuthi isimo sihamba kanjani, nokuthi uzibona ekulungele ukubuyela ekudlaleni. 

“Into yokuqala esayenza wukumsusa ngokuphelele eqenjini elikhulu, samtholela usizo. 

“Silimalile ngesikhathi engekho kodwa akunandaba. Ukube ubethe usadinga enye inyanga, ezimbili noma ezintathu besizohambisana nalokho. 

“Siyingxenye yokwelashwa kwakhe, uyasidinga. Lento ngizoyiphingaphinda ngoba ngiyazi isazophinde ibuzwe.”

Uthe bayithumelela iSafa izincwadi zodokotela, wathi namanje basenazo uma kukhona ozidingayo, bazomthumelela.

“Sazisa zonke izinhlaka ezithinekayo, iFifa, iPremier League, iFIFPro, iSafa nomqeqeshi (weBafana) sizama ukuchaza.

“Kodwa ngiyazi kusazomele siphinde sichaze futhi. Ngizophinde ngichaze nje kuze kube abantu bayakuzwa esikushoyo.”