DStv Premiership

Uyabheja ngeChiefs uPapi Zothwane, uthi izobhubhisa

UPapi Zothwane ukholwa wukuthi iKaizer Chiefs izoba nzima kakhulu njengoba kuzoqala umzuliswano wesibili weDStv Premiership.

Le nsizwa esingumqeqeshi, yayidlala kwiGolden Arrows, yadlulela kwiMamelodi Sundowns okuyila yawabeka idlala khona amakhokho ethala. 

Kwake kwanesikhathi la uPapi Zothwane kwakuthiwa uya kwiChiefs eseze wasayina nenkontileka yesibambiso.

Kodwa kwabuye kwajika izinto, wagcina ephelele eChloorkop nala akafike akangagqama ngendlela eyayibhekwe kuye. 

Usanda kuqashwa kwiBlack Leopards la aseyiphini lo mqeqeshi khona nokukholakala ukuthi kungase kuphele isizini sekunguye ophethe.

UPapi Zothwane yamethemba ke uCavin Johnson okunguye ocija iChiefs njengamanje, uthi kukhona inqanawe akayakhayo eNaturena lo mqeqeshi oke wasebenza kuMaZulu phambilini.

Into eyenza uZothwane amethembe uJohnson ukuthi uzogila izimanga emzuliswaneni wesibili wukuthi kuvele kuyiwe ekhefini sekuqala ukuhlangana. 

“Usesitholile isikhathi sokuba nabadlali ngokwanele (njengoba bekunekhefu),” kusho uPapi Zothwane. 

“Ngicabanga ukuthi bazilungiselele kakhulu ukudlula i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

“Laba badlali anabo eqenjini bangabadlali abazomdlalela kakhulu.

“Abanye bajabulile njengoba besanda kuvuselela izinkontileka neKaizer Chiefs oBrandon Petersen, Nkosingiphile Ngcobo noBruce Bvuma.”

Kuzobajabulisa futhi kubabuyisele ithemba abalandeli beChiefs ukuzwa le nkakha ikhuluma kanje.

OLUNYE UDABA: Uzibona eshiphelwe iqaqa uMahachi oxoshwa njalo

Phela sebaphenduka inhlekisa kozakwabo bamanye amaqembu njengoba sekubhekwe eminyakeni eyishumi iChiefs yagcina ukuthola indebe.