Uzibona eshiphelwe iqaqa uMahachi oxoshwa njalo
UKudukwashe Mahachi uzibona eshiphelwe iqaqa njengoba esephinde waphelelwa umsebenzi awuthole kade esedonse kanzima isikhathi eside.
Lo mdlali odabuka eZimbabwe uke wahlala iminyakana engenaqembu kulandela ukulaxazwa kwakhe yiSuperSport United kuleli.
Leli qembu leDStv Premiership lamxosha isinyelela kulandela ukungena ehlazweni lokubekwa icala lokuhlukumeza ingane yakhe.
Nokho icala labuye lamthetha ngemuva kweminyaka liqulwa, kodwa kwasho khona ukuthi usephenduke iqaqa kuleli.
Uze wathathwa yiFC Madeama yaseGhana ekuqaleni kwale sizini, kodwa nayo isiphinde yamdedela.
Ikhale ngokuthi akekho esimweni sokuthi adlale futhi ibona kuzomthatha kude ukuthi akulungele.
“Angiphathekile kahle kumanje ngoba angazi ngizowuthathaphi umsebenzi,” usho kanje exoxa neMpempe lo mdlali.
“Bengithi izinto zami ziyahlangana kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya.
“Ngicabanga nokuthi ngiliyeke ibhola ngivele ngikhohlwe yilona ngoba alisangisebenzeli uma kunjena.”
Uthe njengendoda yom’Afrika useqala nokusola emsamo ukuthi kukhona okuntshontsha amaqatha khona.
“Sengisola nomsamo wami ukuthi awukho muhle. Ngehlelwa yizinto ezibuhlungu zodwa nje mina.
“Ngashelwa yingane, ngahlukana nonina wayo qede wangibopha wathi ngiyishise ngabomu.
“Ngaphelelwa wumsebenzi kwiSuperSport, qede ngabhuquza ekhaya iminyaka embili yonke.
“Kuthe uma sengiwuthola umsebenzi, ngasebenza izinyanga eziyisithupha waphela umsebenzi,” kuchaza uMahachi.
Ube eseveza nokuthi okwenze ahluleke eGhana wukuthi ibhola lisaphethwe ngendlela enobuhlathi, abadlali abaphathwa ngendlela okwenzeka ngalo kuleli.
“Kunzima ukudlala eGhana, kwiligi yakhona enkulu ngoba akufani nokudlala kwiDStv Premiership.
“Kulula ukudlala kwiDStv Premiership ngoba namaqembu abaphatha kahle abadlali.
“Ibhola lase-Afrika kusamele liphuculwe, liphinde lithuthukiswe kahle kwamanye amazwe.
“Kuningi nje okungaqondile kahle njengezinkundla nje, azikho nhlobo esimweni esihle.”
Isifiso sokuwabeka ethala edlala kwiPremiership yakuleli sisavutha amalangabi kuMahachi.
OLUNYE UDABA: Kuthiwa angalubhadi kuleli uStanely Nwabali weNigeria
“Uma ngingalithola ithuba ngingabuya ngindiza kwiDStv Premiership ngoba ngiyayiqonda indlela yokudlala khona,” kusho iMahachi.