Afcon 2024Ezintsha

Kuthiwa angalubhadi kuleli uStanely Nwabali weNigeria

Isikhulu sebhola saseNigeria sesikhiphe isexwayiso esibhekiswe kunozinti weSuper Eagles, uStanley Nwabali, ngokubuyela eNingizimu Afrika.

UStanley Nwabali ungunozinti eqenjini elidlala kwiDStv Premiership iChippa United kanti kuthiwa agabuyeli kulo ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.

Lokhu kwenzeka nje umphathi weChippa, uSiviwe “Chippa” Mpengesi ugxekwe kakhulu kulandela ukuphumela kwakhe obala ngokweseka uNwabali neNigeria kwi-Afcon.

Lesi sikhulu sakhipha isitatimende eseseka iNigeria ngesikhathi izobhekana neBafana Bafana kwi-Afcon. 

Wanqotshwa yiNigeria lowo mdlalo kanti uStanely Nwabali waqokwa njengomdlali ovelele kulandela ukuvimba kahle kwakhe. 

UNwabali waba yiqhawe leNigeria ngesikhathi bedlala neBafana Bafana, evimba amaphenathi amabili abalulekile benqoba ngo 4-2. 

Mhlawumbe yingakho isikhulu saseNigeria, u-Uchegglam sizwakalise ukukhathazeka ngokuthi uNwabali akaphephile kuleli. 

Uxwayise ngokuthi ukubuyela kwakhe kwiChippa ngemuva kwe-Afcon kungase kudale izinkinga kulo nozinti nakuba iNigeria ihlulwe yi-Ivory Coast ngeSonto kowamanqamu.

“Imizwa engiyithola eNingizimu Afrika ngoNwabali ayingikhuthazi,” kusho lesi sikhulu.

“Futhi ngifuna ukweluleka ngokuthi angaphindeli kwiChippa United ngemuva kwe-Afcon,” kuqhuba u-Uchegbulam, owake waba yiphini likamengameli weCaf kwiNation Online.

“Abanye bangathi bekuyibhola kodwa izimpawu engizithola eNingizimu Afrika ngoNwabali azizinhle neze.”

U-Uchegbulam weluleke uNwabali ukuthi aye eNigeria ayoziqeqesha nelinye lamakilabhu akhona.

“Uma kungenzeka, angakhohlwa ukubuyela kwiChippa United aziqeqeshe nanoma yimaphi amakilabhu ethu aphezulu.

“Kungaba yi-Enyimba United noma iRivers United ngaphambi kokuthi athole iqembu elisha.

“Leso yiseluleko sami esithembekile futhi ngethemba ukuthi uzosilalela,” kwengeza u-Uchegbulam.