Kunxenxwa uMdu Shabalala weChiefs ukwenyusa amasokisi
Umdlali okubhekwe ukuthi abe yisihlabani sakusasa kwiKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, usesolwe ngokuhudula izinyawo.
Kuvela ukuthi lo mdlali osemncane akazikhandli ngendlela efanele ukuze agcine efike kuleli zinga abhekwe kulo.
Nokho, ngokubika kwePhakaaathi, kukhona abangaphakthi eqenjini asebesheshe bakubona lokhu, bamthiphisa ukuthi enyuse amasokisi.
Kuvela ukuthi yize esehlale iminyaka emibili eqenjini elikhulu kodwa uMdu Shabalala akakafinyeleli ezingeni elilindelwe kuye.
Kube nokukhathazeka ngokuhluleka kwakhe ukugcina izinga lakhe alikhombisa ngesikhathi esezinkulisa zeChiefs.
UShabalala, odabuka eSoweto uthathwa njengethalente elithembisayo elingagcina libe yisibani seqembu njengoba evundululwe enkulisa yalo nje.
Nokho ubonakala ebhekene nezinselelo ekutheni enyuse izinga, akhuphule negiya.
“UMdu ungumdlali osezingeni eliphezulu. Uma uke wambona edlala eqenjini lenkulisa ungavumelana nami,” ucashunwe usho kanje umthombo.
“Yingakho enyuselwe eqenjini elikhulu. Unekhono, futhi ubekulambele ukudlala esigabeni esiphezulu, hhayi manje,” kuqhuba umthombo.
“Ukhululekile manje, futhi kuyadabukisa ngoba uma kuphela inkontileka yakhe uzovele agcine esefana no-Emmanuel Letlotlo.
“Ngiyazi abantu abaningi bacabanga ukuthi iChiefs ayibanikezi laba badlali izeluleko, kodwa akunjalo.
“UMdu udinga ukusebenza kanzima futhi uma enikwa ithuba lokudlala kumele akhombise ukuthi kumfanele.”
UShabalala kufanele ukube ungomunye wabadlali umqeqeshi obambile, uCavin Johnson abheke ukubasebenzisa.
Lo mqeqeshi uyaziwa ngokukholelwa kubadlali abasebancane futhi uyabanika nethuba uma libafanele.
ULetlotlo ngomunye wabadlali abenyuselwa eqenjini elikhulu kwiChiefs kubhekwe lukhulu kubo kodwa bagcina becwilile.
OLUNYE UDABA: Ibuhlungu le eyenzeke kuSiyethemba Sithebe kwiChiefs
Yena ke waphazanyiswa wudumo olwamenza wagcina esenaka kakhulu lona, wakhohlwa wukuthi ekugcineni akalutho ngaphandle kwebhola.