Sekuxoshwe abanye futhi kwiMoroka Swallows
IMoroka Swallows seyiphinde edume ngazo kulezi zinsuku, ukuxosha kwasani eqenjini.
Kulokhu iZinyoni zikhombe indlela umqeqeshi weqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge uMatsamela Thoka, yiphini lakhe, umqeqeshi wonozinti ne-physical trainer.
Akukapheli nesikhathi esingakanani iSwallows ikhombe indlela abadlali abangu-22 (beqembu elikhulu) kulandela ukungayidlali imidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba.
IZinyoni zihlawuliswe kanzima yiPremier Soccer League (PSL) kulandela ukungayi emidlalweni lapho zazizobhekana neMamelodi Sundowns noLamontville Golden Arrows, ngokulandelana.
Kube sekuba khona uphenyo lwangaphakathi eqenjini, kwagcina ngokuthi kuxoshwe inqwaba yabadlali.
U-Andile Jali usalile kulaba abangu-22 abaxoshiwe kodwa ngemuva kwamasonto ambalwa wakhonjwa indlela naye.
Kube sekuvela ukuthi unozinti waseNigeria, uDaniel Akpeyi, uvumile ukubuyela kwiMoroka Swallows ngombandela wokuthi uzokwehliselwa iholo.
Nabanye abadlali, okukhona kubo uGabadinho Mhango noTlakusani Mthethwa bavumile ukubuyela Moroka Swallows.
Kwenzeka konke lokhu nje umqeqeshi weSwallows, uSteve Komphela, udunguza ebumnyameni ngekusasa lakhe kuleli qembu.
UKomphela usanda kuveza ukuthi akazi kwenzekani kwiSwallows, futhi lo mqeqeshi akabi khona ejimini selokhu kwaba nenkinga yokuthi iSwallows ingayi emidlalweni emibili (oweSundowns nowe-Arrows) ngoDisemba.
ISwallows iphinde ibe nenkinga yemali nosekuholele ekutheni abadlali babuye bangaholelwa.
Konke lokhu kwenza sibukeke simahliphihliphi isidleke seZinyoni.
OLUNYE UDABA: Izimanga zikaRonwen Williams zithele okuhle kwiBafana
Leli qembu laseDube libuyela enkundleni ngoMgqibelo njengoba lizobhekana nePolokwane City eDobsonville Stadium ngo-3 ntambama.