DStv PremiershipEzintsha

Kuyasuka lokho kwiDStv Premiership, kubhekwe iDowns neBucs

Ngemuva kokuhlehliswa kwemidlalo ye-DStv Premiership, yaphakathi nesonto, umdlalo osubhekwe ngabomvu oweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngempelasonto.

Imidlalo ye-DStv Premiership ebizodlalwa ngoLwesibili nangoLwesithathu, ihlehlisiwe yiPremier Soccer League (PSL), ngenxa yokuthi iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana lizoze lifike eNingizimu Afrika ngoLwesithathu.

ISundowns ibizobhekana neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu kodwa manje sekumele abadlali bayo babeke imiqondo emdlalweni abazowudlala nePirates.

“Ngemuva kokuthola ukuthi iBafana Bafana izoze ifike eNingizimu Afrika ngoLwesithathu, ivela kwi-Afcon, iligi seyinqume ukuyihlehlisa imidlalo ebizodlalwa ngoFebhuwari 13 no-14,” kusho isitatimende sePSL.

“Izinsuku ezintsha okuzodlalwa ngazo le midlalo zizomenyezelwa maduze.”

ISundowns iyona enabadlali abaningi eqenjini lesizwe eligcine libambe indawo yesithathu kwi-Afcon ka-2023 e-Ivory Coast.

Nakanjani bekungeke kulunge ukuthi idlale ngaphandle kwalaba badlali okungangabazeki ukuthi bawumgogodla weqembu.

Lapha sibala unozinti uRonwen Williams, uMothobi Mvala, uGrant Kekana, uKhuliso Mudau, u-Aubrey Modiba, uTeboho Mokoena, uThemba Zwane, uThapelo Maseko (olimele), uThapelo Morena noTerrence Mashego.

IPirates nayo inabadlali abane eqenjini lesizwe, okunguNkosinathi Sibisi, u-Evidence Makgopa, uThabang Monare noZakhele Lepasa.

Akwaziwa ukuthi laba badlali bazobe sebephumule ngokwanele yini ukuthi badlale lo mdlalo omkhulu kangaka ngoMgqibelo.

Okuzokwenza ukuthi umdlalo uhehe ukuthi uThembinkosi Lorch weSundowns, angase athole ithuba lokubhekana neqembu lakhe lakudala okokuqala selokhu eshiye iPirates ngoJanuwari.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uLOrch usevele uke wayisabisa iPirates ngokuthi uzoyigila uma lamaqembu esehlangana. 

Umdlalo useLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.