DStv PremiershipEzintsha

Isexwayiso seChiefs ngabathenge amathikithi oweGalaxy

Abalandeli beKaizer Chiefs abese bethenge amathikithi omdlalo waMakhosi neTS Galaxy, belulekwa ukuthi bangawalahli.

“Azobe esasebenza uma umdlalo sewudlalwa ngosuku olusazomenyezelwa,” kusho iChiefs esitatimendeni.

“Labo abafuna ukuwaphindisa emuva (babuyelwe yimali yabo) bavunyelwe ukwenza lokho.

“Bangaya e-computicket kulo lonke izwe bayowashintsha (bathathe imali).

“Usuku olusha lokudlala umdlalo siyolumemezela uma seluqinisekisiwe (yiPSL).”

Umdlalo bewuzokuba sePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili (Febhuwari 13) ngo-7 ebusuku.

Imidlalo yeDStv Premiership ebizodlalwa ngoLwesibili nangoLwesithathu ihlehlisiwe yiPremier Soccer League (PSL) ngenxa yokuthi iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, lizoze lifike eNingizimu Afrika ngoLwesithathu.

IKaizer Chiefs neTS Galaxy abanabo abadlali kwiBafana Bafana. Nokho iPSL inqume ukuyihlehlisa yonke imidlalo ebizodlalwa phakathi nesonto.

Amakhosi asezoze abuyele enkundleni uma esetholana phezulu beRoyal AM emdlalweni wePremiership ngeSonto ntambama.

Ngemuva kwalowo mdlalo iChiefs izobhekana neMilford FC emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup, ngoFebhuwari 25, eFNB Stadium.