DStv Premiership

Ibuhlungu le eyenzeke kuSiyethemba Sithebe kwiChiefs

USiyethemba Sithebe ubhekane nobunzima obukhulu ngesikhathi eshiya kuMaZulu FC eqoka ukuya kwiKaizer Chiefs. 

Wabekezelela izinyanga eziyisithupha ezinzima, ebhekene nesivunguvungu sezinselelo nokusolwa ngokuba ‘ngumdayisi’.

USiyethemba Sithebe wakhetha ukungavuseleli inkontileka yakhe kuMaZulu njengoba ayesebheke ukuyofeza iphupho lakhe kwiChiefs. 

Wabe esesayina inkontileka yesibambiso sokuthi uma kuphela isizino uyobe eseyojoyina Amakhosi ngokugcwele.

Kwabe uzidonsele amanzi ngomsele. Lesi senzo sakhe savua ulaka olumangazayo kuSandile Zungu ongumengameli woSuthu. 

OkaManzini akazange alokhu efihla, kodwa wakuveza obala ukuphoxeka kwakhe ngalesi senzo sikaSiyethemba Sithebe owayengomunye wezinsika zoSuthu ngaleso sikhathi. 

Waphucwa nesikhundla sokuba ukaputeni, kwathathwa nejezi elingunombolo 10 ayeligqoa. 

Kwala ngisho umqeqeshi wangaleso sikhathi, uBenni McCarthy esemncengela, ethi uyamdinga. 

Ufike kwiChiefs ngesikhathi kunesiphithiphithi sokwakhiwa kabusha kweqembu. 

USiyethemba Sithebe wabe esecelwa ukuthi adlale endaweni entsha kuye, adlale esiswini kodwa amake kunokuhlasela abekujwayele. 

Phezu kwemizamo yakhe nokusebenza ngendlela encomekayo, uSithebe ugxekwe kabuhlungu, abalandeli nabathile beqembu bethi liyamesinda ijezi leChiefs.

Kodwa phakathi kwalezi zinselelo uSiyethemba Sithebe uqhubekile nokuzinikela, esebenza kanzima ngesikhathi engekho enkundleni elwela ukuba abuye kubonakale. 

Nokho iChiefs ivele yathenga abanye abadlali abadlala indawo eyodwa naye, wacaca ukuthi inhlanzi isishelwe amanzi la kuye.

Kumanje sekuqubuke amahlebezi okuthi angase akhonjwe isango afika ngalo kwiChiefs ekupheleni kwesizini.

Manje sekuvele ukuthi abaphathi bakhe bahlela ukuyofongqa isigqoko kuZungu, bamcelele ukuba Usuthu luphinde lumamukele. 

Nokho kuthiwa akhona namanye amaqembu acuthele ukuzwa ukuthi kwenzakalani ngaye ekupheleni kwesizini, bese emlanda uma ededelwa. 

FUNDA NALA: Kuyasuka lokho kwiDStv Premiership, kubhekwe iDowns neBucs

Usevele ke lo mdlali waseNew Castle uvumelekile ukusayina inkontileka nelinye iqembu njengoba eyakhe neChiefs iphela ngoJuni.