Afcon 2024Ezintsha

Basola umlandeli weChiefs ofisele iBafana ukuhlulwa

Umlandeli weKaizer Chiefs obengayifiseli iBafana Bafana ukunqoba kngesikhathi ibhekene neNigeria uziqhathe nolaka lwabantu bakuleli.

Kukhona abagcine bembiza ngomthakathi lo mlandeli obekhuluma nabezemidlalo beGagasi FM. 

Ngokuthola kweMpempe, le nsizwa engumshayeli wetekisi isebenza ngaphansi kukasoseshini waseMhlanga, eThekwini.

Lo mshayeli ukubeke kwacaca ukuthi yena akafuni inqobe iBafana ngoba kuzofana nokuthi kunqobe iMamelodi Sundowns. 

“Uma ifike kowamanqamu, ngeke iyithole indebe – futhi ngiyafisa ingayitholi,” usho kanje lo mshayeli. 

“Nginesizathu salokho. Phela kufana nokuthi iSundowns le edlala laphayana. 

“Uma ike yayiwina, nizophakamisa igama leSundowns Angithi? Bayishumi abadlali beSundowns laphaya.

“Manje ke angeke sithande… Uma kuyiqembu lesizwe, akuqokwe abadlali kuwo wonke amaqembu.”

Nabanye abashayeli kuthiwa bayisolile le nsizwa ngale nkulumo yayo. 

Kuthiwa indlela umlandeli lona abesephenduke ihlaya ngayo ize yagcina ithatha ikhefu emsebenzini ngoLwesithathu. 

USadam Maake ongumlandeli wokuqina weChiefs uyigxekile naye le nsizwa ethi inkulumo yayo ibhebhezela into engafanele. 

“Iqembu lesizwe limele bonke abantu bakuleli. Abadlali beMamelodi Sundowns bamele bonke abantu bakuleli. 

“Manje kuyangixaka ukuthi kusekhona abantu abacabanga ngalolu hlobo,” kusho uSadaam.

Omunye wabashayeli ongathandanga ngegama lakhe naye uyisolile le nsizwa. 

“Mina mfowethu ubhuti uBheko bengimthemba kodwa lokhu akushilo kuyihlazo nechilo ezweni lakuleli njengoba uqonda ukuthi siphumaphi.”

Omunye wabalandeli beChiefs uthe le nsizwa iyisindela ukuthi ingumlandeli wasemgwaqeni nje, ayinalo iziko engaphansi kwalo. 

“Ukube unalo iziko besizothinta ubuholi balo ukuthi bumqondise ubugwegwe ngoba uhlambalaze iqembu,” kusho uCecil Motaung.