ABC Motsepe LeagueEzintsha

UMasibusane Zongo uphinde wadlala ngethuba 

Omunye wabadlali abanekhono elimangalisayo kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, uMasibusane Zongo, ukhethe ukulwisana nekhono lakhe kunokulisebenzisa.

Eminyakeni engu-33 anayo lo mdlali, kumele ngabe uhlabelela nabanye abadlali beBafana Bafana e-Ivory Coast, okuyinto abayenzayo njengoba benza kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

Kunalokho kusheshe kwacaca engakafiki ngisho eminyakeni engu-25 uMasibusane Zongo ukuthi kuzosheshe kuphele ngaye kunobhutshuzwayo.

Leli nxele laseMthatha alingatshazwa ikhono lalo uma kukhulunywa ngokudlala ibhola.

UMasibusane Zongo ungomunye wabadlali baseNingizimu Afrika ababe nethuba lokuyozama inhlanhla kwi-English Premier League, ngenxa yokuheha labo abambonayo ukuthi uphiwe kunobhutshuzwayo.

Uke wamenywa yiTottenham Hotspur, yase-England, ukuthi azohlolwa ngo-2011. 

Lokhu kwenzeke kabili eqenjini elifanayo (ukuthi babize uZongo).

Emaqenjini awadlalele uMasibusane Zongo uhambe ngesimo esifanayo – ukwehlulwa ukuziphatha, nokuthanda utshwala.

Iqembu ahlale kulona uZongo yiSuperSport United, lapho edlale khona kusukela ngo-2008 kwaze kwaba u-2012.

Uke wadlala kwiVasco da Gama phakathi kuka 2010 no-2011. Ngo-2012 ubebolekiswe kwiBidvest Wits.

UZongo ubuyele ngakubo e-Eastern Cape lapho ebesemabhukwini eChippa United, kusuka ngo-2013 kuya ku-2015.

KwiPlatinum Stars uhlale kusuka ngo-2015 kuya ku-2016. Ngemuva kwalokho udlulele kwiRoyal Eagles lapho ebe khona kusukela ngo-2016 kwaze kwaba u-2018.

Ukusuka lapho uZongo ubesadlalela amaqembu amaligi aphansi, nakuwona engahlali ngenxa yokwehluleka ukuziphatha.

Ezakamuva zithi uZongo uxoshiwe yiMunaca FC yaseLimpopo, egijima kwi-ABC Motsepe League ngoLwesibili. 

Kuseyiyo inkinga efanayo – ukwehluleka ukuziphathisa okomdlali webhola ngendlela elindelekile.

Vele ubesezenzela nje uZongo uma kukhulunywa ngokudlala ibhola. 

Konke okwakuzoba kuhle, kukhanye kuyena, wakuthatha, wakufaka ebhodleleni wakuphuza, kwamdaka.

UZongo uligxobile ikusasa lakhe ebholeni, kwale noma esenikwa ithuba kaningi amaqembu ehlukene.

 Ufana nelanga elazikhethela lona ukushona lingakaze liphume, kubonakale inhlamvu yalo.