Uthole ibheyili owayegijima kwiPirates ecaleni lokushaya
Uvele kafushane enkantolo kamantshi yaseRandburg ngoMsombuluko, uThandani Ntshumayelo, owayengumdlali we-Orlando Pirates.
UNtshumayelo uboshwe ngeSonto ngecala lokushaya intombi yakhe u-Itumeleng Alice.
UNtshumayelo uke wadlalela iSuperSport United kusukela ngo-2005 kwaze kwaba u-2009.
Nokho ugqame kakhulu esekwiPirates lapho ehlale khona kusukela ngo-2012 kwaze kwaba u-2016.
Akaqali ukuba sematheni ngezizathu ezingezinhle uNtshumayelo.
Ngo-2016 utholakale ene-cocaine emzimbeni wakhe, wamiswa iminyaka emine engalithinti ibhola.
Ngaleso sikhathi ubeneminyaka engu-26 kanti kwakuhamba kahle kuyena kwiBucs, ebizwa naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Ngemuva kokulwa nesigwebo sakhe uNtshumayelo ubuyelile ebholeni ngo-2019 waba semabhukwini eBaroka FC.
Nokho akukho okutheni okuphinde kwenzeka ebholeni lakhe njengoba edlale umdlalo owodwa kuphela kuleli qembu.
NgoJuni nyakenye uThandani Ntshumayelo umemezele ukuthi usethi khumu ebholeni.
Ubonge iSuperSport United, akhulele kuyona, nePirates agcine kuyona ukudlala ibhola eliyomenza ahlale ekhunjulwa kunobhutshuzwayo.
Udedelwe ngebheyili ka-R1 000 kanti icala lakhe seliyoze libuyele enkantolo ngo-Ephreli 4, 2024.
UThembinkosi Lorch, oshiye iPirates waye kwiMamelodi Sundowns, usanda kukhokha u-R100 000 ngokulahlwa yicala lokushaya intombazane.
Lokhu kuchaza ukuthi usenerekhodi elibi lokuboshwa (yize engeke alubhade ejele).
Omunye umdlali osanda kuvela enkantolo nyakenye, uThamsanqa Gabuza weTS Galaxy.
OLUNYE UDABA: Usizwe umhlaziyi uRonwen Williams ukuvimba amaphenathi
Lo mgadli, oke wayibamba kwiBucs, ungaphandle ngebheyili futhi usazobuyela enkantolo.