Usizwe umhlaziyi uRonwen Williams ukuvimba amaphenathi
URonwen Williams, ongunozinti nokaputeni weBafana Bafana, usephahlukile, waveza imfihlo yakhe eyenze wavimba amaphenathi amane bebhekene neCape Verde.
Lo nozinti ugile izimanga kulo mdlalo obungoMgqibelo ebusuku ophele kungu 0-0, kodwa iBafana yanqoba ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi. URonwen, oneminyaka engu-32 ube yiqhawe langempela bebhekene neBlue Sharks ebingagayelwe mphako nasemdlalweni.
Unqabe waphetha iCape Verde ithi iqeda ngeBafana ngomzuzu wokugcina echitha ibhola elibi ebelibonakala lizomudla.
Kodwa kulapho sekushaywa khona amaphenathi la uRonwen Williams evele wakhombisa khona ukuthi akakafuni ukubuyela ekhaya.
Uvimbe amaphenathi amane, waqopha umlando ngokuba ngunozinti wokuqala ukwenza lokho kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
Ngalokhu kudlala kahle, uRonwen Williams bese kungokwesine kulandelana engangenelwa goli kulo mqhudelwano.
Ekhuluma ngemuva komdlalo nabeSABC Sport, uWilliams uhlulekile wukuzibamba, wakuveza ukuthi kuthi akandize yinjabulo.
“Ngijabule kakhulu. “Ngigcwele injabulo… injabulo. Hhayi ngokuvimba amaphenathi kodwa ngijabulela iqembu lilonke.
“Kusifanele (ukungena esigabeni esilandelayo), silwe kanzima kwaze kwaba sekugcineni.
“Siqhubekile nokulwa imizuzu engu-120 neminye eyengeziwe… cishe kube yimizuzu engu-130,” kusho yena.
“Siqhubekile nokulwa sibheke phamnbili noma sekunzima, sekukhona abaxinwe amajaqamba.
“Lokho kukhombisa intshisekelo, yingakho bekumele silwe noma sekunzima.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi sikwazile ukunqoba namuhla.”
URonwen Williams uphinde wancoma umhlaziyi weqembu uSinesipho Mali ngemuva kokuvimba amaphenathi amane, wathi ubewulungiselele kahle lo mdlalo.
“Nakanjani (usuku oluhle kakhulu lolu emsebenzini wami).
“Angicabangi ukuthi kukhona okungadlula lokhu ngaphandle kokuthi sigcine sinqobe le ndebe.
“Ngijabule kakhulu. Kodwa ngozophinde ngikuqhakambise futhi ukuthi akumina, yiqembu.
“Uyamazi umhlaziyi wethu, uwacubungule kahle amaphenathi abo, ungitshelile ukuthi azoyaphi. Kumele simncome naye.”
IBafana isizobhekana nomqansa oyiSuper Eagles yaseNigeria endleleni yayo ebheke kowamanqamu.
OLUNYE UDABA: UManqoba Mngqithi uzobangwa uma ephuma kwiDowns ngoJuni
Lo mdlalo uzoba ngoLwesithathu eStade Bouake kanti uzoqala ngo-7 ebusuku.