DStv PremiershipEzintsha

UManqoba Mngqithi uzobangwa uma ephuma kwiDowns ngoJuni

Kubukeka sengathi sesizophela isikhathi sikaManqoba Mngqithi kwiMamelodi Sundowns njengoba engakayeluli inkontileka yakhe kuleli qembu. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-52, ube yingxenye yaleli qembu iminyaka engaphezu kweshumi.

Walijoyina ngo-2013 esuka kwiGolden Arrows ezosebenza njengephini ngaphansi komqeqeshi wangaphambili uPitso Mosimane.

Ngo-2020, uMngqithi ube esenikwa isikhundla sokuba ngumqeqe ngokubambisana noRulani Mokwena.

Lokhu bekulandela ukushiya kukaMosimane kuleli qembu eya kwi-Al Ahly yase-Egypt.

Nokho ngo-2022 ubuye wadilizwa ekubeni ngumqeqeshi omkhulu, wabuyiselwa ekubeni yiphini.

Umsebenzi wokuba ngumqeqeshi omkhulu ube sewunika uMokwena futhi usawenza kahle kakhulu. 

Ngaphambi kokuqala kwesizini AmaZulu FC ake anentshisekelo ngaye, kodwa uMngqithi uqoke ukuhlonipha inkontileka yakhe neSundowns. 

Manje kubukeka sengathi iKaizer Chiefs isingenile nayo emaqenjini anesifiso sokuthola lo mqeqeshi. 

Inkontileka kaManqoba Mngqithi neSundowns iyaphela ekupheleni kwale sizini ngoJuni.

Ukuthi akakayivuseleli sekuvele kwawavuthela kakhulu amahlebezi okuthi uzoshiya ekupheleni kwesizini.

“Umsebenzi weKaizer Chiefs yiwona awubona umuhle kakhulu kodwa ungamangali uma AmaZulu ebuya futhi nawo…

“Kodwa lokho kuzoncika ekutheni izinto zime kanjani ekupheleni kwesizini njengoba enomqeqeshi omusha nje,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi. 

“Uyayihlonipha iSundowns noPatrice Motsepe – naye ozifelayo ngomqeqeshi uManqoba. 

“Ngakho bekungelula ukuthi avele ashiye phakathi nenkontileka yakhe kodwa ngeke esayivuselela.”

Okunye obekuvimbe uManqoba Mngqithi ekushiyeni iSundowns wukuthi inkontileka yakhe beyithi kumele athengwe. 

Uma efuna ukushiya, bekumele athole iqembu elizomthenga noma yena akhokhele iSundowns imali yesikhathi esisele kwinkontileka yakhe. 

Manje bekunzima ukuthi engakhipha imali yakhe azikhulule engenaso isiqiniseko sokuthi akazuxoshwa yini lapho ezoya khona.

Phela awamaningi kwiPSL amaqembu anesineke njengeSundowns ngomqeqeshi – amanye usheshe axoshwe. 

Kuyavela ke nokuthi kukhona namaqembu angaphandle kwakuleli azibhekile nawo kuMngqithi uma esekhululekile kwiSundowns.