IBafana isihlose ukuphinda esika-1996 nge-Afcon
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, useveze ukubaluleka kwethuba lokufinyelela kweyandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
Lokhu yinto engakaze yenzeke eminyakeni engu-24, kanti iBroos uthi ingumthombo wogqozi eqenjini lakhe.
Lo mqeqeshi uhlose ukukhuthaza iqembu elikhona njengamanje ukuthi lenze lokho okwenziwa elika-1996 e-Ivory Coast.
IBafana Bafana izobhekana neCape Verde emdlalweni we-quarter-final ngoMgqibelo.
Eminyakeni edlule iBafana ibonakale iyizivakashi uma kwenzekile yangena kwi-Afcon.
Kodwa manje amathemba makhulu okuthi leli qembu elingaphansi kukaHugo Broos njengamanje lingenza izimanga.
“Bengihlala ngithi (ukwesekwa) kuletha imiphumela, uma usunemiphumela, okusele kuzofika,” kusho uHugo Broos.
“Ngakho-ke ngicabanga ukuthi singasho manje ukuthi sinemiphumela emihle. Ubekhuluma ngemuva kokubuzwa ukuthi bazizwa kanjani ngokwesekwa okutholwa yiBafana muva nje.
Phela lidayiswe lacishe laphela ijezi leBafana elimhlophe kuleli sonto njengoba abalandeli befuna ukukhombisa uthando lwabo.
“Okwesibili kuyisikhuthazo kubo bonke abadlali bami ukuthi sekunesikhathi eside iNingizimu Afrika yadlala owandulela owamanqamu noma owamanqamu.
“Ngakho lokho kusikhuthaza ukuthi senze okuhle njengabafana bango-96.
“Ngakho-ke kujwayelekile ukuthi uma ungumdlali ufune ukwenza izinto ezinkulu futhi ngiyazi ukuthi abadlali bami bazokwenza lokho…
OLUNYE UDABA: ISwallows ibuyele ejimini uKomphela engazi
“Uma ungabona indlela okwaba yiyona egunjini lokushintshela ngemuva komdlalo wethu neMorocco, ungaba nesiqiniseko sokuthi bayakhuthazeka ukwenza okuthile okukhethekile.”