UNjabulo Ngcobo ufuna ukulwela isikimu kwiChiefs
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uNjabulo Ngcobo, uthi uyakwazi okumele akwenze ukuze abuyele efomini yakhe yakudala.
UNjabulo Ngcobo usebenza kanzima ukuze abe ngcono, abuyele nasesikimi kuleli qembu laseNaturena.
Selokhu ejoyine Amakhosi kulandela ukuthi ayeqokwe njengomdlali wasemuva ovelele ngesizini ka-2021/22 esuka kwiMoroka Swallows, uNjabulo Ngcobo usithola amacozucozu isikimu.
Kule sizini, usadale imidlalo eyishumi kuphela kuyona yonke imiqhudelwano kodwa uthembise ukuthi uzobuyela efomini abekuyo kwiSwallows.
“Ngicabanga ukuthi kimina kubalulekile ukufunda nsuku zonke,” kusho uNgcobo kwiSowetan.
“Uma udlalela iqembu elikhulu njengeChiefs, kumele ufunde izinto eziningi uze ufike lapho kufuneka khona.”
“Manje sengiyaqala ukubona indlela eya phambili futhi ngizimisele ngokubuyela efomini engangikuyo ngisadlala kwiSwallows.
“Ingcindezi ikhona… kodwa nginesiqiniseko sokuthi maduze ngizongena egiyeni.”
UNjabulo Ngcobo, oneminyaka engu-29, inkontileka yakhe esizophela ngoJuni, uthe useke wahlala phansi nomqeqeshi obambile uCavin Johnson.
Uthi inhloso bewuukukubonisana ngokuthi yikuphi lapho okumele alungise noma aqinise khona.
“Nsuku zonke siba nemihlangano yomuntu ngamunye,” kusho lo mdlali oke wagijima kuThongathi FC.
“Uyangitshela okufanele ngilungise khona futhi lezo zinto ngizikhandla kakhulu futhi ngenza okwengeziwe ukuze ngikwazi ukuzigcina ngisesimweni esihle.
“Okubalulekile kimina wukuthi uma umqeqeshi enginika ithuba lokudlala kumele ngisebenzele iqembu.
“Kubalulekile lokho. Ngisho nasekuziqeqesheni, ngisebenza kanzima.”
UNgcobo uphinde wagcizelela ukuthi akazisoli ngokujoyina izinkunzi zaseSoweto. “Angizisoli ngokuza lapha. Ngicabanga ukuthi ngiseqenjini elifanele ukuthi ngikwazi ukukhula ngiye phambili.
“Ngicabanga ukuthi kungekudala zizobuya lezo zinsuku zakudala.
OLUNYE UDABA: Uma singadlula kwiMorocco singaya kude – Broos
“Okwamanje, sekuwukuba siqine futhi senze umsebenzi omuhle ngesikhathi sokuzilungiselela futhi ngicabanga ukuthi ukuya phambili, izinto zizolunga. “