DStv PremiershipEzintsha

ISwallows ibuyele ejimini uKomphela engazi 

IMoroka Swallows izilungiselela ukuqala kabusha ngemuva kokuhlukana nabadlali abaxoshwe ngenxa yokungaziphathi muva nje.

Leli qembu lixoshe abadlali abangaphezu kuka-25 kanti lokho kusukela ekuhoxisweni kwemidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba ngoba abadlali besesitelekeni. 

Manje njengoba isiwombe sesibili sesizini ka-2023/24 siqhubeka ngoFebhuwari 13, iSwallows nayo ibuyele ekuzicijeni.

Kodwa lesi siqalo siphinde saba nezigigaba ezimangazayo njengoba umqeqeshi uSteve Komphela ebengekho ngesikhathi iqembu libuyela ejimini ngoLwesibili.

Amaphini akhe, oMusa Nyatama noDitheko Mototo yibona abebephethe ngesikhathi iqembu lizilolonga ngoLwesibili. 

Ukungabi bikho kukaKomphela kuqubule izinkulumo ngokuthi ngabe naye ungomunye yini wabaxoshiwe. 

Nokho uKomphela usephumele obala ngokwenze ukuthi angabi khona iqemb libuyela ejimini, inkinga wayikhomba kubaphathi.

“Lento yeSwallows nesimo sakhono kunzima ukusiqonda,” ucashunwe esho kanje uKhomphela kwiSABC SPort.

“Akekho ongakutshela ukuthi kwenzakalani, nami angiqondi nqinginasibhakela.

“U-Elasto (Lungu) imenenja yeqembu) nguye oshaya ophethe izintambo noxhumana nabadlali.

“Kodwa mina lutho. Mina angazi lutho ngezinqumo ezithathiwe kusukela ngoDisemba 27.

“Umlayezo ovela ehhovisi ngawugcina ngoJanuwari 12 ngifonelwa yisikhulu esiphezulu uSipho Xulu engitshela ukuthi ukuqala kwamalungiselelo esizini obekumele kuqale ngoJanuwari 15 kuhlehlisiwe.

“Sekuphele izinsuku ezingu-15 kusukela lapho, mina angikaze ngitshelwe lutho njengoba kwakuthenjiswe ukuthi ngizokwaziswa ngezinhlelo ezintsha.

“Yingakho bengingekho iqembu lizicija. Ngeke ngikwazi ukuphendula okuningi.

“U-Elasto Kapoweza nosihlalo weqembu abangakunika abasesimweni esifanele ukuthi bengaphendula ngalento.”

Impempe yayike yabika phambilini ukuthi kungenzeka ukuthi uKomphela naye uxoshiwe, kuwukuthi abaphathi basanqena ukumtshela. 

Phela lo mqeqeshi wavuleleka esidlangalaleni ngokuthi wake wancenga abadlali ukuthi baye emdlalweni kade befuna ukuteleka.

Lokhu kwenzeka ngoNovemba iSwallows kade iyodlala nePirates. Abadlali babefuna ukuteleka ngoba bengaholile.