ABC Motsepe LeagueBafana BafanaEzintsha

Uma singadlula kwiMorocco singaya kude – Broos

Ukuqhubekela phambili kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kweBafana Bafana, kuncike ekutheni izodlula yini eqenjini elinzima ezobhekana nalo.

IBafana izobhekana neMorocco emdlalweni weLast 16 ye-Afcon ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.

Ngokwezinombolo zakamuva, iMorocco yilona izwe elikleliswe eqhulwini e-Afrika.

Leli lizwe lihambe ibanga elide kwiNdebe yoMhlaba, eQatar, ngo-2022.

IMorocco imangaze abaningi ifinyelela kweyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

“Kuphakathi kokuthi uyawina noma uyakhishwa (emqhudelwaneni),” kusho uHugo Broos.

“IMorocco yiqembu elizihola phambili e-Afrika. Baba nohambo oluhle eNdebeni yoMhlaba.

“Nokho lena yi-Afcon emangazanayo kakhulu. Amaqembu amakhulu avele asesemakhaya.

“Sabashaya ngoJuni ngakho singakuphinda lokho.”

Egcina ukuhlangana la maqembu bekungumdlalo wokuhlungela i-Afcon eNingizimu Afrika nyakenye.

IBafana iwine umdlalo ngo 2-1 kodwa womabili amaqembu ayesevele esenalo ithikithi lokuya e-Ivory Coast.

Amaqembu amakhulu afana neGhana, yi-Algeria, yiCameroon ne-Egypt, asevele aphumile kwi-Afcon.

“IMorocco ayidlalanga kahle emidlalweni yamaqoqo. Besiyilandela futhi siyazi ukuthi singakwazi ukuyishaya,” kuqhuba uBroos.

“Ithemba lokuthi sizofinyelela kuma-quarter likhulu kakhulu.”

Uma iBafana idlula kwiMorocco izobhekana noyedwa phakathi kweCape Verde neMauritania.