DStv PremiershipEzintsha

Nakhu okwenze iPirates imdedele uLorch, iDowns imnqake

Ukushiya kukaThembinkosi Lorch kwi-Orlando Pirates aye kwiMamelodi Sundowns kususe izinkulumo mpikiswano ebholeni lakuleli.

Sesiside ke isikhathi kwagcina ukuthi ukushiya komdlali kwelinye iqembu, aye kwelinye kususe umsindo ngale ndlela. 

UThembinkosi Lorch uzithole eselahlekelwa nangabalandeli nasezinkundleni zokuxhumana, futhi ethukwa ebizwa ngomdayisi. 

Kuyavela ke ukuthi uThembinkosi Lorch uhamba kwiPirates nje vele isimo asisesihle neze phakathi kwakhe nabaphathi. 

Kubukeka sengathi ukudayiswa kwakhe bese kunokudubana phakathi ngokwemibiko yangempelasonto. 

Kuthiwa uLorch uhamba nje yingoba ubengaseneme kwiPirates nokusolakala ukuthi yindaba yemali.

KwiSundowns uthenjiswe isizumbulu semali yokusayina nomholo omkhulu nokuyingakho engazange angabaze.

Lapha iLisenethini ibheka izizathu ebezingenza womabili lamaqembu avumelane ngokudayiselana uLorch. 

NgokweSundowns, uLorch iyamdinga ngoba

  • ULucas Riberio ungumdlali olimala njalo ngakho iyamdinga ozovala isikhala.
  • UThemba Zwane udlala imidlalo eminingi kakhulu ngoba akanaye omunye ongamlekelela ngokudlala kweminye ukuze aphumule. 
  • Amava kaLorch azoba wusizo kakhulu uma sekudlalwa imidlalo yeCaf njengoba eke wayidlala kwiPirates kanti uke waba khona nakwiBafana Bafana. 
  • UJunior Mendieta othengwe kwiStellenbosch FC yena akangeni nhlobo esitayeleni seSundowns yize esenikwe ithuba kaningana. 

Okwenza uLorch naye afune ukuya kwiSundowns wukuthi,

  • Caf Champions League: Unethuba lokugcina eyitholile indondo yeCaf Champions League. 
  • IFifa Club World Cup: Ithuba lokuyodlala kwiClub World Cup uma iSundowns igcina iyinqobile iChampions League.
  • Umnotho: Imali azoyithola ngokusayina nemihlomulo kwiSundowns izomenza akwazi ukulungiselela ikusasa lakhe uma esewabeke emgibeni amakhokho. 

Okwenze iPirates nayo ivume ukumdayisa uLorch yize ebesadingeka ngokwesipiliyoni sakhe wukuthi,

  • Ihlomile phambili: iPirates inabadlali abaningi kakhulu ababanga indawo eyodwa eqenjini layo. 
  • Ngenxa yegama lakhe, uLorch ubesenesisindo kakhulu eqenjini okwenza uma engalimele kudingeke adlale. 
  • Ithuba lokwenza imali ebhekile ngaye kwazise ubephelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini, okusho ubezohamba mahhala.