OwaseMali ucebisa u-Aubrey Modiba ngokuya phesheya
Isihlabani seMamelodi Sundowns neBafana Bafana u-Aubrey Modiba useveze iseluleko asithola kumdlali weMali emdlalweni wabo wokuqala kwi-Afcon.
Ngemuva komdlalo iBafana eyashaywa kuwo ngo 2-0, uModiba uthi omunye wabadlali beMali wayechazekile indlela adlala ngayo.
Uthi le nsizw ayaseMali yambuza ukuthi udlalaphi, kwathi uma eyitshela ukuthi useNingizimu Afrika, ayangakholwa.
Ekhuluma ne-iDiski Times kuleli sonto, uModiba uveze ukuthi baba nengxoxo impela bebonisana ngokuthi kumele ayodlala phesheya.
UPostman, okuyisidlaliso sika-Aubrey Modiba, uveze ukuthi vele naye yiphupho lakhe ukuthi ake ayozizwa amandla phesheya.
“Yebo, kuyahlekisa kodwa ngemuva komdlalo lo mdlali waseMali wangibuza ukuthi ngidlala kuphi,” ucashunwe esho kanje uModiba.
“Ngithe kuye ngidlala eNingizimu Afrika wathi ‘cha, mngani wami udinga ukuya phesheya kwezilwandle’ (ehleka).
“Yilokho akusho, sabe sesixoxa ngokuthi empeleni kunamathuba amaningi lapha (kwi-Afcon).
“Umqhudelwano omkhulukazi, osakazwa ngabakwa-… ngabe iSkySports e-England, e-UK?
“Kukhombisa ukubaluleka kwalo mqhudelwano nokuthi abahlwayi bethalente bathe chithi saka…
“Izigidi zabantu zibukele lo mqhudelwano emhlabeni jikelele futhi ngeke wazi ukuthi ubani obukayo.
“Ngicabanga ukuthi okwethu njengabadlali ukuphakamisa isandla ukuze sikwazi ukuthola lawo mathuba.
“Njengoba ushilo, iphupho layo yonke ingane. Bekuyiphupho lami kusukela ngisemncane ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu kwiPSL, ngidlulele phesheya ngidlalele nakwiBafana Bafana.
“Ngakho ngicabanga ukuthi kukithina njengabadlali ngoba amathuba okuzibonakalisa makhulu kakhulu lapha.”
U-Aubrey Modiba – odlala emuva kwesokunxele – muhle kakhulu uma ehlasela futhi uwagoba ngobuchule amabhola.
OLUNYE UDABA: Ixoshe uNga, yabuyisa uMabasa i-Orlando Pirates
Uyena, uKhuliso Mudau noTebogo Mokoena ngabadlali beSundowns okubhekwe ukuthi bahehe amehlo amaqembu aphesheya kulo mqhudelwano.