Afcon 2024Ezintsha

Kuvela okwenze iChiefs ingasayini muntu ngoJanuwari

IKaizer Chiefs ivele yazithulela sengathi intombi egoyile ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kwiDStv Premiership. 

Leli qembu – elingayiqalanga kahle isizini ka-2023/24 – alizange lisayine mdlali yize kukhona abake bamataniswa nalo.

Kuke kwanemibiko ethi izama ukuthola abadlali beStellenbosch FC, oFawaaz Basadien no-Antonio Van Wyk.

IChiefs ayizange izihluphe ngokuphawula ngalamahlebezi njengoba iqhubeke nomsebenzi wayo ngokuzithulela nje. 

Izindaba ezichithile ngezokuthi ike yazama ukulanda uPitso Mosimane kodwa wayichitha. 

Lezi zindaba zalicika kakhulu leli qembu laze lakhipha isisatimende lizichitha, libiza umthombo ozibikele ngohubhu lukabhejane. 

Odabeni lwabadlali ematamiswa nabo, iChiefs ivele yazithulela ayangasho lutho, futhi ayangenza lutho njengoba kuze kwavalwa ngoLwesihlanu ingasayinanga muntu.

Kodwa ke wayevele eshilo umqeqeshi wayo uCavin Johnson ukuthi usafuna ukusebenza nabadlali anabo kuqala, abone benza njani.

“Okwamanje angiboni ukuthi kumele siphazamise lokhu esinakho,” washo kanje ngemuva komdlalo wokgcina waleli qembu ngoDisemba. 

“Sinabadlali abasisebenzele kahle ngesizini edlule. Kukhona nabanye abangakalitholi ithuba kodwa bakhombisa ukuzimisela ukuthola ithuba.

“Kubukeka sengathi bakujabulele ukuba yingxenye yeKaizer Chiefs. Okwamanje ngijabule ngalaba esinabo,” kuchaza uJohnson. 

IChiefs ibuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 la izobhekana khona neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership.