Afcon 2024Ezintsha

UHugo Broos usifezile isethembiso nge-Afcon 

‘Umngcwabo’ kaHugo Broos, oqeqesha iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, uhlehlile.

Lokhu kuqinisekiswe ukuthi iBafana izibekisele indawo kwiLast 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

Iqembu lakuleli libambane neTunisia ngo 0-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo kuGroup E ngoLwesithathu.

IBafana iqede imidlalo yamaqoqo isendaweni yesibili ngamaphuzu amane, nokusho ukuqhubeka ne-Afcon e-Ivory Coast.

Ngesikhathi iBafana ishaya iLiberia ngo 2-1, ngoMashi nyakenye, lokho kwaqinisekisa ukuthi izibekisela indawo kwi-Afcon ka-2023.

Ngemuva kwalowo mdlalo uHugo Broos wathi noma ‘angabulawa’ uma engadlulelanga esigabeni esilandelayo se-Afcon ka-2023.

“Ngizosho lokho engakusho ekuqaleni. ‘Ningibulale uma singayi kwi-Afcon.’

“Ngicabanga ukuthi futhi kumele ningibulale uma singadluleli esigabeni esilandelayo kwi-Afcon ngonyaka ozayo,” washo kanje uHugo Broos.

Akekho ozokwazi ‘ukubulala’ uHugo Broos njengamanje ngoba ayekuthembisile ukwenzile.

Nangesikhathi eqeda ukumemezela iqembu eliya e-Ivory Coast ngoDisemba, ukucacisile ababheke ukukufeza kulo mqhudelwano.

“Uma singadluli emidlalweni yamaqoqo, ngeke sijabule,” kusho lo mqeqeshi ngoDisemba.

“Ukudlula esigabeni samaqoqo kumele kube yinhloso yethu yokuqala. Kodwa yinto enzima ukuyenza emqhudelwaneni.”

Ukufinyelela kwiLast 16 ye-Afcon kusho ukushuba komqhudelwano manje.

IBafana izobhekana neMorocco, efinyelele kweyandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba, eQatar ngo-2022.

NgoDisemba uHugo Broos uphawulile ngemidlalo yeLast 16 kuya phambili, nokungenzeka kuyona.

“Uma usulapho (kwiLast 16) kuncika ekutheni uzobhekana nobani.

“Ungadlala neMorocco noma iSenegal. Ngesikhathi ngikwiCameroon, eminyakeni eyisithupha edlule, sadlala kwi-quarterfinal neSenegal, sawina kumaphenathi.”

Lo mqeqeshi waseBelgium wagcina eyiwinile i-Afcon neCameroon ngo-2017.

Nokho umsebenzi ohlalele iBafana okwamanje ukubhekana neMorocco kwiLast 16.

Sikhona ke nesikhathi esanele sokulungiselela lo mdlalo njengoba uyoze udlalwe ngoLwesibili.