DStv PremiershipEzintsha

Ixoshe uNga, yabuyisa uMabasa i-Orlando Pirates

I-Orlando Pirates seyikuqedile ukuqagela ngabadlali ebimataniswa nabo njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPSL.

Leli qembu laseSoweto selimemezele abadlali ababili elibasayinile yize kungebona abadlali abanegama noma abazosusa isasasa kubalandeli.

“Siyajabula ukunazisa ukuthi sesengeze ngokusemthethweni abadlali ababili abahle ohlwini lwethu – oThabiso Lebitso noThalenthe Mbatha.

“UThabiso Lebitso, obegijima kwiChippa United, usayine inkontileka yeminyaka emibili nesigamu nathi.” 

Siphinde sathola uThalenthe Mbatha osuka kwiSuperSport United ngokubolekwa yena izinyanga eziyisithupha.

“Kunombandela wokuthi singamsayina ngokugcwele ekupheleni kwesizini,” kusho i-Orlando Pirates esitatimendeni sayo. 

Ephawula ngokujoyina kwakhe eZimnyama, uLebitso, oneminyaka engu-28 uthe lesi yisifiso sakhe esidala.

“Ukujoyina i-Orlando Pirates kuyisinyathelo esikhulu emsebenzini wami,” kusho yena.

“Futhi ngikulungele ukwenza konke okusemandleni ami ukufaka isandla empumelelweni yeqembu”. 

UMbatha – obedlala eqenjini leDStv Diski Challenge kwiSuperSport, ungomunye wabadlali abakhombisa ukuba nethalente elihle.

“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha futhi angisakwazi ukulinda ukungena enkundleni. 

“Lokhu kuzwakala njengethuba elihle, futhi ngizimisele ukulisebenzisa ngokugcwele,” kusho uMbatha.

IPirates iphinde yaqinisekisa ukuthi seyimkhululile umgadli uBienvenu Eva Nga ebimsayine ngesizini edlule esuka kwiChippa United.

UNga ubevele engakaze angene egiyeni le-Orlando Pirates njengoba ubebanga ijezi noZakhele Lepasa no-Evidence Makgopa abenza kahle kakhulu.

Leli qembu liphinde laqinisekisa nokuthi limbuyisile umgadli ebelibolekise ngaye, uTshegofatso Mabasa.

Lo mgadli ubebolekiswe kwiMoroka Swallows ebhekene nezinkinga zezimali njengamanje futhi esinqume ukumbuyisela kwiPirates. 

Kusangenzeka ke nokho uMabasa aphinde adluliselwe kwelinye iqembu ngaphambi kokuvalwa kwewindi ngoLwesihlanu.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi akhona amanye amaqembu – okukhona kuwo naMaZulu FC – afisa ukubolekwa lo mgadli.