Afcon 2024Ezintsha

UShabba ujabulise ‘Tshabalala’  waseTanzania emvakashela

Ligcine lifezekile iphupho lomdlali waseTanzania sokuhlangana neqhawe lakhe laseNingizimu Afrika uSiphiwe “Shabba” Tshabalala. 

UMohammed “Tshabalala” Hussein waseTanzania uyazifela ngoShabba kusukela ashaya igoli lakhe elisakhunjulwa namanje eNdebeni yoMhlaba ka-2010. 

Kumanje lo mdlali usebizwa ngoTshabalala ebholeni langakubo kanti namanje njengoba edlala kwi-Africa Cup of Nations, abasakazi bambiza ngalo leli gama lakhe lesidlaliso. 

Abantu abaningi bakuleli baxakekile bezwa kulokhu kumenyezwa uTshabalala ngesikhathi kudlala iTanzania neZambi ngeSonto ebusuku. 

Kuvela ukuthi bekuyisifiso sakhe esidala ke uHussein lo ukuthi ake ahlangane noShabba.

Lifezekile ke ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi uShabba emvakashela ekhempini yeTanzania baze bashutha isithombe ndawonye.

“UMohammed Hussein usegcine ehlanganile neqhawe lakhe uSiphiwe Tshabalala,” ubhale kanje uShabba kwi-X.