IRoyal AM ithi iFifa ushaye phansi ngesigwebo sesibili
Ngokwesitatimende seqembu leDStv Premiership, iRoyal AM, kube yiphutha lenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni ukuthola kwayo isigwebo sesibili.
Kumangale abaningi ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi iRoyal AM seyiphindwe ngesinye isigwebo sokungabasayini abadlali.
Lokhu bekulandela ukuthi leli qembu liphinde latholwa linecala lokuhluleka ukukhokhela uRicardo Nascimento.
Ngokwesitatimende seFifa, leli qembu likweleta lo mdlali waseBrazil imali ebalelwa ku-R600 000 ngemuva kokunqamula inkontileka yakhe.
Ibe seyigixabeza leli qemnbu ngesinye isigwebo sokungabasayini abadlali.
IRoyal AM ivele inesinye isigwebo esasuka ngokungakhokhelwa kukaSamir Nurkovic imali yakhe ebalelwa ku-R12 million.
Kulesi sesibili isigwebo, leli qembu laseMgungundlovu lishaya phansi ngonyawo, lithi yiFifa eyenze iphutha.
“Ekupheleni kuka-April 2023, izinyanga ezimbili ngaphambi kokuphela kwenkontileka kaNascimento, iRoyal AM yanqamula inkontileka yakhe.
“Yabe seyimkhokhela uNascimento imali yesikhathi esasisele kwinkontileka yakhe,” kusho leli qembu esitatimendeni.
Ithe kwabe sekuvele kusele ahole kabili – aholele uMeyi bese eholela noJuni – bese kuhlukanwa.
“Icala ebelifakwe kwiFifa ngelokuthi simkhokhele imali yombandela wokwelula inkontileka esingazange siwusebenzise.
“Ubefuna nebhonasi ka-R120 000. NgoSepthemba 28, 2023, isigungu siqondisa ubugwegwe seFifa savumelana noNascimento.
“Kepha ngemuva kokufundisisa lesi sinqumo, iRoyal AM yathola ukuthi iFifa yayisihlawulisa ngokuthi sikhokhele uNascimento umholo kaMeyi noJuni.
“Lokhu yinto eyayivele seyenziwe. Kulapho esabe sesisihoxisa isicelo esasisifake kwiCas (Court of Arbitration for Sport).
“Kuthe ngoJawuwari 22 ka-2024 iFifa yabhalela iRoyal AM iyaziwa ngokwehluleka kwayo ukukhokha le mali yomholo wezinyanga ezimbili, yabe seyikhipha nesijeziso salokho.
“Kumanje ke abammeli beqembu babhalele iFifa befaka nobufakazi bokuthi le mali okukhulunywa ngayo yakhokhwa.
OLUNYE UDABA: Ubuyela ekhaya kwiSundowns unozinti obebolekisiwe
“Lesi sigwebo yinto ezolungiseka maduze nje,” kuchaza leli qembu.