Afcon 2024Ezintsha

UHunt ubona uMokoena engeke esabuya kuleli

UGavin Hunt, oqeqesha iSuperSport United, ubona kukhona amaqembu aphesheya azohlwitha uTeboho Mokoena weBafana Bafana neMamelodi Sundowns.

UHunt ‘uhlahlela’ ibhola kwiSuperSport TV njengoba kunemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, eqhubekayo e-Ivory Coast.

UTebogo Mokoena, oke wadlala kwiSuperSport,  udlala indawo ebalulekile esiswini lapho emaka khona, aphase aphinde ahlasele uma iqembu libheke ukuyoshaya igoli.

Emidlalweni emibili esidlalwe yiBafana kwi-Afcon, esiswini kugqame yena uMokoena futhi ngaphandle kwakhe ngabe kuyonakala kakhulu.

“UTebogo Mokoena ushaye into ecokeme namuhla ebusuku (ngeSonto). 

“Uma kukhona othile obukayo phesheya kwezilwandle…,” kubeka uHunt ongazange esaqhubeka nokukhuluma kakhulu.

Kulo mdlalo iBafana ishaye iNamibia ngo 4-0, yanyukela endaweni yesibili kuGroup E. Inamaphuzu amathathu namagoli ayayivuna.

UMokoena ube nesizini enhle ka-2022/2023 kwiDStv Premiership. Uze wakhala wemuka nomklomelo iPSL Footballer of the Season.

Uma iBafana ihamba ibanga elide kwi-Afcon nakanjani uMokoena uzolokhu egqama.

Maningi amathuba okuthi iSundowns igcine ilahlekelwa yilo mdlali njengoba kubona uHunt.

IBafana inomdlalo obalulekile wokugcina kuGroup E. Izobhekana neTunisia ngoLwesithathu.

Ukuwina lo mdlalo kuzosho ukudlulela emzuliswaneni olandelayo kwi-Afcon. 

UHugo Broos ocija iBafana uyakugcizelela ukuthi “kumele siwuwine lo mdlalo ukuze sihlale e-Ivory Coast.”