Afcon 2024Ezintsha

UHotto engayibuyisela ekhaya iBafana uma inganakile

UDeon Hotto weNamibia ungomunye wabadlali okumele bagadwe izitobha zeBafana Bafana ngokucophelela okukhulu ngeSonto.

Lo mdlali we-Orlando Pirates ushaye into ecokeme waphinde washaya igoli bemangaza iTunisia ngo 1-0 emdlalweni wokuqala kuGroup E.

UHotto ugcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, kanti into ebalulekile ukuthi iNamibia iqoqe amaphuzu aphelele.

Kulindeleke ukuthi aqhubeke nomgqigqo wakhe uma iNamibia seyitholana phezulu neNingizimu Afrika emdlalweni wesibili kuwona womabili la mazwe.

Umdlalo uqala ngo-10 ebusuku ngeSonto. IBafana Bafana kumele iwine nakanjani kulo mdlalo uma izimisele ngokudlulela kwiLast 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, eqhubekayo e-Ivory Coast.

EzikaHugo Broos ziyivule kabi imidlalo zishaywa yiMali ngo 2-0. 

Kulo mdlalo kugqame amaphutha emuva (ikakhulukazi igoli lesibili) nokuchaza ukuthi kuzomele bawagweme uma sebebhekene noHotto nezakhe.

Ngaphandle kukaHotto, kukhona uPeter Shalulile, weMamelodi Sundowns, ongaliniki ukuphumula udonga lwezitha.

Bobabili laba badlali babazi kahle abadlali beBafana. Sekuyocaca ngeSonto ebusuku ukuthi uBroos uzolwenza yini ushintsho emuva, njengoba uSiyanda Xulu ebukeke eyikhongco elibuthaka bebhekene neMali.

Phambili nakhona abadlali abafana noPercy Tau, u-Evidence Makgopa noThemba Zwane, kumele baqinisekise ukuthi bayawasebenzisa amathuba abawatholayo.

UTau ushiye abalandeli beBafana Bafana bephoxekile ngemuva kokugeja iphenathi ngesikhathi bebhekene neMali. Kuzomele alilungise lelo phutha.

IMali izihola phambili ngamaphuzu amane kuGroup E, kulandela ukubambana neTunisia ngo 1-1 ngoMgqibelo. 

Ngakolunye uhlangothi iBafana Bafana yilona lodwa iqembu elingenaphuzu eqoqweni, nokwenza ukuthi iyibambe emsileni.