DStv PremiershipEzintsha

‘Bekunesandla semfene,’ kusho uMaduna ngenhlalo kuMaZulu 

Umdlali osanda kuchithwa AmaZulu FC, uSiphesihle Maduna useveze ukuthi usola isandla semfene ngokungadlaliswa kwakhe kuleli qembu.

Lo mdlali ube ngomunye wabakhululiwe kuleli qembu njengoba kuthiwa lisemkhankasweni wokunciphisa isibalo sabadlali.

Umqeqeshi woSuthu, uPablo Martin kuthiwa wakhala ngokuthi uSiphesihle Maduna akekho ezinhlelweni zakhe. 

Lokho kwaphoqa lo mdlali obebonakala enekusasa elihle ukuthi ayojima nabafana benkulisa yeqembu kusukela kuqale isizini. 

USiphesihle Maduna uvele ukhulele kuwo AmaZulu. Ungomunye wabadlali abavundululwa ngu-Ayanda Mkhize obengumhlayi wekhono kuleli qembu. 

Wakhushulelwa esikimini esikhulu nguCavin Johnson owayengumqeqeshi woSuthu ngaleso sikhathi. 

Waba ngumdlali othembisayo kakhulu ngoba wagcina edonsa amehlo kaPitso Mosimane ngesikhathi esengumqeqeshi kwiMamelodi Sundowns. 

NeKaizer Chiefs ike yavela emagameni amaqembu okuthiwa azibhekile kulo mdlali, nabeqaphe isimo sakhe kuMaZulu.

Ekhuluma neMpempe ngemuva kokukululwa kwakhe Osuthwini, uSiphesihle Maduna uveze izinsolo zesandla sesithathu ngesimo sakhe. 

“Ngisola isandla esinoboya ngale ndaba yami ngoba ngabona umqeqeshi engasangithembi ngalutho. 

“Ngabona ukuthi kukhona abakushilo ngami okubi,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-24.

“Kodwa manje abacabangeli ikusasa lami, bangihlalisa isikhathi eside bengangikhululi bengijimisa nezingane. 

“Lento yimbi kakhulu ukuthi umdlali kuzomele amoshelwe isikhathi. Mina ngiyondla ekhaya.

“Manje uma ngabe bemisa mina, bamisa nezimpilo zabanye abantu,” kuchaza uMaduna.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi lomkhuba wokupakisa abadlali kuMaZulu uqubuke ngoSandile Zungu ongumengameli weqembu. 

Kukhona amahlebezi abekhulunywa ngabezindaba ukuthi uMaduna ufunwa yiChiefs.

Kusolakala ukuthi kuqale lapho ukungabi muhle kwakhe kubaphathi baMaZulu kulandela ukuvela kwalamahhemuhhemu.

Kuzokhumbuleka ukuthi noSiyethemba Sithebe wazidonsela amanzi ngomsele ngokuthi asayine inkontileka yesibambiso neChiefs.

AmaZulu abe esempakisa izinyanga eziyisithupha zonke egcina ngokujima kodwa engadlaliswa ngokomyalelo wakhe uZungu. 

USiphesihle Maduna uthe unethemba lokuqala kabusha impilo yakhe maduze njengoba kuneqembu angase asayine kulo maduze.

Akathandanga ukulidalula kodwa Impempe seyithole ukuthi amabombo abheke kwiCape Town Spurs ka-Ernst Middendorp. 

Kuvela ukuthi leli qembu lingase limemezele maduze ukuthi selimsayinile benoFriday Samu obedlala kwiMariztburg United ngesizini edlule.