U-Auseb usola iChiefs ngokuqasha uZwane noNtseki
Inkakha yeKaizer Chiefs, uMohammed Auseb ithi inhliziyo yayo ivele ishaye ngamandla uma icabanga ngesimo saleli qembu elake lasatshwa kuleli ngoba liqoba kwasani.
Usola leli qembu ngokuthi akukho elikwenzayo ukulungisa isimo salo njengoba selayeka iMamelodi Sundowns kwaba yiyo amakhosi ebhola kuleli.
U-Auseb, odabuka eNamibia, wajoyina iChiefs ngo-1998 ngemuva kokubonwa uStanley “Screamer” Tshabalala edlala, qede wayalela lezi zinkunzi zaseSoweto ngaye.
Lolu nkonko, olwaludlala esiswini maphakathi nenkundla ngezikhathi zalo, manje selungumqeqeshi weChiefs Santos ngakubo eNamibia.
Ubeyisimenywa ohlelweni lukaThabiso Mosia olubungaza izinkhakha kwiRadio 2 000 ngoLwesihlanu.
“Kwephula inhliziyo okwenzeka kwiChiefs,” usho kanje u-Auseb uma esebuzwa ngaleli qembu athi namanje lisesenhliziyweni yakhe.
“ISundowns seyikude kakhulu kunathi ngoba ayisabi ukungena ephaketheni ithenge abadlali abasezingeni eliphezulu.
“Ebholeni kuphakathi kokuthi ukhipha imali eshisiwe uthenge abadlali abasezingeni eliphezulu, noma ugxila ekuthuthukiseni amakhono (enkulisa).”
Uphinde waveza ukuxaxeka kwakhe ngesinqumo sabaphathi beChiefs sokuqasha u-Arthur Zwane abe ngumqeqeshi.
Nokufaka uMolefi Ntseki uma sebekhipha uZwane uthi yinto eyamshiya nemibuzo engaphenduleki.
“Angiqondi neze ukuthi baqashwe kanjani laba baqeqeshi ababili (abendulela lo okhona njengamanje).
“Angicabangi ukuthi uZwane noMolefi Ntseki bekungabaqeqeshi abafanele ukusebenza kwiChiefs.
“Bamqashelani uZwane? Ubengenawo amava alo msebenzi… IChiefs yiqembu elikhulu elidinga umqeqeshi onegama.
“UNtseki yena? Yiliphi iqembu ake waliqeqesha ngaphambi kweChiefs? Bebenganawo amava afanele.”
Bobabili laba baqeqeshi abazange babe nempumelelo futhi bahambe kabi sebelwiswa abalandeli okuyinto efake iqembu ehlazweni elibi.
OLUNYE UDABA: Okufundwe uLebitso ngokushintshwa kwabaqeqeshi kwiChippa
Njengamanje ‘kubambe’ uCavin Johnson kulo msebenzi wokuvuselela iChiefs iphinde ibe yiqembu elisatshwayo njengakudala.