Afcon 2024Ezintsha

Uyayixwaya iBafana ‘elimele’ umqeqeshi weNamibia 

Umqeqeshi weNamibia, uCollen Benjamin ubona ingozi enkulu kwelakuleli, iBafana Bafana abazobhekana nayo ngoLwesihlanu.

IBrave Warriors, okuyigama leqembu lesizwe laseNamibia, izogadulisana neBafana Bafana emdlalweni wesibili esigabeni samaqoqo kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast. 

“IBafana Bafana izoza kithina iphefumula ngenxeba,” kusho uBenjamin kwabezindaba kuleli sonto. 

“Banomqeqeshi omuhle onamaqhinga njengoba enolwazi lwemidlalo ye-Africa Cup of Nations kwazise useke wayinqoba nezwe laseCameroon.” 

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos unqobe le ndebe esacija i-Indomitable Lions ngo-2017. 

UBenjamin uyayihlonipha iBafana kodwa nabafana bakhe, abamenze waziqhenya beshaya iTunisia ekuqaleni kwesonto, uyabethemba. 

“Kunabadlali abayingozi kakhulu kwiBafana Bafana abafana noThemba Zwane, Teboho Mokoena, Percy Tau… 

“Kodwa nathi abadlali esinabo bawenza kahle nangokuzimisela umsebenzi abasuke beyalelwe ukuba bawenze.ekumele bawenze.

“Ngibatshelile ukuthi bakhohlwe yipolitiki nezinye izinto ezenzeka eceleni bamele izwe labo njengamasosha,” kuqhuba uBenjamin.

Kubadlali abamqoka abahola leli zwe elingomakhelwane kuleli, kukhona umgadli wabo oyingozi uPeter Shalulile odlalela iMamelodi Sundowns FC.

Kukhona noDeon Hotto odlalela Orlando Pirates kanti noBathuel Mazeu weBlack Leopards ukhombise ukuba yinkinga.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBenjamin waba ngumdlali wokuqala waseNamibia owadlala kwiHumberg SV yaseGermany.

Waphinda wadlala k-wi1860 Munich yakhona eGermany, eyayikwi-Uefa Champions League ngaleso sikhathi. 

Abadlali baseNamibia bazobhekana neBafana Bafana begcwele ukuzethemba njengoba beguqise ompetha be-Afcon bango-2004, iTunisia.

AbeBafana bona bazobe benengcindezi njengoba bephendulwe ompushana yiMali ebafake isibhaxu sika 2-0. 

Bazothwala kanzima nasekugadeni uShalulile obehlulayo uma kudlalwa imidlalo yeligi yeDStv Premiership.