UPercy Tau akalilahlile ithemba nge-Afcon
Umgadli weBafana Bafana odumaze isizwe sonke ngesikhathi eshweba iphenathi kwi-Africa Cup of Nations, uPercy Tau useveze ubuhlungu ababuzwile ngemuva kwalesi sigameko.
UPercy Tau nguye othathe umthwalo wokukhahlela iphenathi wawubeka emahlombe akhe ngesikhathi iBafana ibhekene neMali emdlalweni wokuqala kwi-Afcon.
IBafana igcine ihlulwe ngo 2-0 ngemuva kokuthi uPercy Tau eyishwebile iphenathi ngomzuzu ka18, kodwa usexolisile.
Ube yindoda ke wakuvuma nokuthi ukushweba kwakhe le phenathi yikho okwenze umdlalo wasinda kwiBafana.
“Akuyona indlela ebesifuna ukuqala ngayo lena,” kusho uPercy Tau kwabezindaba abaqophe le vidiyo.
“Osekumele sikwenze manje wukuqoqana, sibuye sibheke phambili emdlalweni wethu neNamibia.
“Siyazi ngomunye umdlalo ozoba nzima lowo… Okwamanje kusebuhlungu (ukuthi sihluliwe).”
IBafana beyihamba phambili ngomdlalo esiwombeni sokuqala futhi namathuba avelile.
ELibe likhulu yiphenathi ebekelwe yona kwaphakama yena uPercy Tau ukuyishaya, kodwa wavele wayigeja.
“Bekumele ngabe silishayile igoli. Ngigeje iphenathi okwenze sehlelwa wukuzethemba.
“Ukube silishayile igoli (ngaleya phenathi) umdlalo bewuzoshintsha.
“Ukushweba iphenathi yinto ebuhlungu. Kodwa sisazoqhubeka, siyafuna ukudlulela phambili.”
IBafana seyizobhekana neNamibia emdlalweni olandelayo ngoLwesihlanu osekumele iwunqobe noma yikanjani.
Nokho kuzomele izibambe ziqine kwazise iNamibia izobe igcwele ukuzethemba njengoba ibhuquzise iTunisia emdlalweni wokuqala.
Leli qembu elingomakhelwane beNingizimu Afrika lizibeke endaweni enhle ukuthi lingadlulela phambili emzuliswaneni womkhumulajezi ngokunqoba kwalo.
OLUNYE UDABA: Usinde ngokulambisa uHughton weGhana besho ukumqeda
Bekubhoke abadlali abadlala kwiligi yakuleli oPeter Shalulile weMamelodi Sundowns, Deon Hotto we-Orlando Pirates noLubeni Koukongo weCape Town Spurs.